News

Zisagcwele amathafa iziboshwa ezeqe esitokisini eMpangeni

KUZE kube yizolo bezingakabanjwa iziboshwa ezintathu kulezo eziyisithupha ebezilinde ukuqula amacala ezeqa esiteshini samaphoyisa eMpangeni, kusho amaphoyisa esifundazwe izolo. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Nqobile Gwala utshele iNews24 izolo ukuthi kusaphenywa ngalolu daba, ukuthi zeqa kanjani lezi ziboshwa. Imibiko yezindaba ithi amaphoyisa alibala ukukhiya isitokisi lapho okwakuvalelwe khona lezi ziboshwa. Laba abafunwayo ngoThanda Zulu, 32, ngecala…

Asingaphaphelani, kusho u’Lambo’ kaMbhekiseni kophawulile

UGugu Gumede umlingisi womdlalo kuthelevishini Uzalo ukhafula umlilo njengoba ecanulwe yilabo abamgxekayo ngokuziphophotha ngokweqile. Lo mlingisi odume ngelikaMaMlambo, okuyindawo ayidlalayo kulo mdlalo kuSABC1, ugadle ngamagama anzima ewabhekise kubagxeki bakhe. UGugu unikele ezinkundleni zezokuxhumana, wafaka ivedio emfushane kodwa etinyelayo, ecacisa ukuthi akanasikhathi sabantu abanenzondo. “Nakho esingazokwenza. Asizokuba luhlaza ngendlela yokuthi sitshele abantu ukuthi baziphophotha ngokweqile. Niyahlanya…

Amazwi enduduzo kudlula uGunman wodumo lweYizo Yizo

AMAZWI enduduzo avela ezweni lonke alokhu engene njalo kulandela ukwedlula emhlabeni izolo komlingisi owaduma emdlalweni kamabonakude iYizo Yizo. UJabu, obedume ngelika Gunman, utholakale eshonile ekhaya eSoshanguve, ePretoria, ngoMsombuluko ntambama. Emva kokwenaba kodaba lokushona kukaGunman izolo ebusuku abalandeli bakhe kanye nabesebenza nabo embonini yezokunandisa izikundla zezokuxhumana zigcwale imiyalezo yamazwi enduduzo. U-Arthur Mafokate ube ngowokuqala ukuthumela umyalezo….

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top