Sport

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger Di Sa ohlaselwe abalandeli baleliqembu ngoLwesine ntambama emva kokuba iPirates ibambane namaZulu ngo 1-1

AbePirates abeneme ngomqeqeshi wabo

UMQEQESHI weqembu lebhola lezinyawo iPirates uhlaselwe yiqulu labalandeli beqembu lakhe bemjikijela ngamabhodlela nokunye ngesikhathi ephuma enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngoLwesine ntambama emva kokuba iPirates ibambane namaZulu ngo 1-1. Abalandeli bePirates bebelindele ukuba leliqembu linqobe kodwa laziphuthisela ngamathuba amaningi, amaZulu atshengisa ukudlala ngokuzimisela. U-Ayanda Gcaba nguye ovule inkundla yokukora efakela iPirates igoli sekungumzuliswane wesibili womdlalo, akangapholisa…
UTOKELO Rantie umgadli omusha weBournemouth nodlalela neBafana Bafana, ulwela ukuzinza kunobhutshuzwayo wase-England.

U-Rantie osayinisiwe ngo R35m uzethembile

ISIKHWISHIKHWISHI somdlali weBafana Bafana uTokelo Rantie osengumgadli weBournemouth ufisa ukuzinza kuleliqembu elisha. Lo mgadli usayiniswe ngoR35 million esuka kwiMalmo yaseSweden. “Ukuzethemba yinto engikhule nginayo kanti izeluleko engizinikwe ngumdlali engikhule ngimkhonzile ngadlala naye kwi-Orlando Pirates uBennedict McCarthy, zizongisiza kakhulu, “Ngesikhathi ngisengumfanyana benginesithombe esikhulu sikaMcCarthy odongeni lwekamelo lami, ngimthanda njengoba namanje ngisakholelwa akakabikhona umdlali onjengaye. “Ungibonise ngezinto…
: U-ARTHUR Bartman unozinti ongumakadebona osebuyele ekudlaleni kwi-Lamontville Golden Arrows njengoba ebesengumqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg United

Asixabananga ne-Maritzburg United – Bartman

BANINGI  abathuswe wukushiya kukamqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg United nowazakhela udumo kwi-African Wanderers neKaizer Chiefs, u-Arthur Bartman eya kwiLamontville Golden Arrows. Umbhali wezemidlalo we-Eyethu  KZN, uJerry Barnes  uxoxisane naye kafushane. JERRY BARNES (JB):Mfwethu, ngiyabonga ithuba onginike lona lokukhuluma nawe. ARTHUR BARTMAN (AB): Nami ngiyathokoza futhi wamukelekile bhut’omdala. JB: Ungumdlali nonozinti onesipiliyoni nohlonishwa kakhulu eMzansi, yini eyenze ushiye…
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa obhekene nomqansa wokuqeda isomiso sezindebe kuleliqembu eselidlale amafayineli amathathu kodwa langaphumelela ngisho nakweyodwa.Isithombe abakwaBackpagePix.

Ngiyamzwela u-De Sa

ISIZULU esijulile nesiqondile ngqo sithi sekubonwa ngokusa.Uma ngicabanga ngemidlalo ezolandelana ubuthaphuthaphu yeBhakaBhaka, ngivele ngithuke futhi ngimzwele umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa. Indlela imidlalo ehlelwe ngayo i-Pirates iyathusa futhi izodinga abadlali nabaqeqeshi babe nomhlonzo baqine kuze kuyovalwa.Noma iBhakaBhaka iyiqembu elikhulu nelinabadlali abaningi kodwa uDe Sa uyokwazi yini ukubagqugquzela abadlalali ukuba bahlale besemgangathweni futhi bashaye kwasani.Kuyiqiniso…
UBernard Parker

I-Bafana ibambana ne-Mozambique

NOMA kuke kwaba nokungaboni ngaso linye kufanele uMzansi uthembe ukuthi iBafana Bafana izodlala njengamaqhawe kwi-African Nations Championships (Chan) ezoqala ngoMgqibelo eKapa lodumo. Lawa ngamazwi omqeqeshi weBafana u-Gordon Igesund emva kokutshelwa ngomongameli we-Safa u-Danny Jordaan ukuthi abeChiefs neSundowns bavumile ukudedela abadlali. Lomqeqeshi uncome wanconcoza amakilabhu abone kubalulekile ukusiza izwe laseMzansi kunokucabangela amakilabhu. “Mhlambe nobuthongo sebuzokwazi ukwehla….
UClinton Larsen

Akwethusi ukuhamba kuka Larsen

UKUTSHELWA kuka-Clinton Larsen ukuthi ibhantshi lakhe ligcwale umoya ngabaphathi be-Maritzburg United akuthusanga futhi bekulindelekile ukuthi kwenzeke noma yinini. Okuxakayo nje ukuthi emasontweni ababili adlule yizikhulu zayo i-Team Of Choice ezakhuluma zaze zabomvu ebusweni zithi u-Larsen akayi ndawo futhi bazomxhasa ngakho konke akudingayo. Isitatemende esikhishwe usihlalo we-United kulelisonto u-Farouk Kadodia uthe babone kungcono bamkhulule lomqeqeshi ngoba…
Usihlalo weMaritzburg United uFarook Kadodia noSteve Komphela othulwe njengomqeqeshi omusha waleliqembu ehhotela eMgungundlovu ngoMsombuluko.

Ngizizwa ngimsabela umqeqeshi uKomphela

NGIHLALE ngisho njalo ngithi ezinye izikhulu zebhola noma zamakilabhu ziphethe engathi ziziphathele ama-Spaza Shop azo emalokishini. Benza abakuthandayo nanoma ngasiphi isikhathi ngamakilabhu abo. Abanye babo bake bakhulume sengathi behla emthini noma bengacabanganga kahle-hle. Emavikini ambalwa adlule ababhali bezebhola bake babuza ngekusasa lomqeqeshi we-Maritzburg United u-Clinton Larsen kodwa abaphathi balekilabhu bashaya phansi. Bathi nokho noma bekhathazekile…
Lapha kwakuyizikhathi ezimnandi ngesikhathi uClinton Larsen ethulwa njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United.

Mhlambe kungcono ukuzithulela

NGIHLALE ngisho njalo ngithi ezinye izikhulu zebhola noma zamakilabhu ziphethe engathi ziziphathele ama-Spaza Shop azo emalokishini. Benza abakuthandayo nanoma ngasiphi isikhathi ngamakilabhu abo. Abanye babo bake bakhulume sengathi behla emthini noma bengacabanganga kahle-hle. Emavikini ambalwa adlule ababhali bezebhola bake babuza ngekusasa loMqeqeshi we-Maritzburg United u-Clinton Larsen kodwa abaphathi balekilabhu bashaya phansi bathi nokho noma bekhathazekile…
USihlalo weMaritzburg United u Yusuf Kadodia no Steve Komphela othulwe njengomqeqeshi omusha waleliqembu ehhotela iStay Easy eMgungundlovu ngoMsombuluko.

UKomphela usayine kuMaritzburg United

Sekuqinisekisiwe ukuthi uSteve Komphela usayine inkontileka yeminyaka emibili nengxenye njengomqeqeshi weqembu iMaritzburg United.Lomqeqeshi wethulwe ngokusemthethweni abaphathi baleliqembu esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe ehhotela i-Stay Easy eMgungundlovu ngoMsombuluko. Leliqembu elaziwa nge-Team of Choice lisale lingenaye umqeqeshi kulandela ukuxoshwa kukaClinton Larsen emavikini amabili adlule,nokwenze ukuthi leliqembu lilande uKomphela ukuze alisize livike izembe lokuya ehlathini.UKomphela uthatha lesikhundla nje naye kade…

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top