Entertainment

Ithimba le-Alex & The Crew elihlakaziwe.

Kuhlakazwe ithimba le-Alex &The Crew

Lihlakaziwe ithimba ebelishayela uhlelo lwasekuseni kuGagasi FM i-Alex& The Crew emuva kokumenyezelwa kwezinguquko ezintsha zalomsakazo izolo.
U-Ayanda Thabethe no Andile Ncube.

Bashade omhlophe u-Andile Ncube nesithandwa sakhe

OMUNYE angabubona njengedinda ubudlelwane buka Andile Ncube nonkosikazi wakhe omusha u-Ayanda Thabethe. U-Ayanda oyisiphalaphala sentokazi uke waba sebudlelwaneni bobulili obufanayo nelunga leBoom Shaka, uTheo Nhlengethwa. Kanti u-Andile ongumethuli wezinhlelo zemidlalo kwi-SABC, kuke kwaqubuka amahebezi okuthi uke waba nobudlelwano bothando nabantu besilisa. Lokhu kwenza abaningi bangabaze ukuthi lobudlelwano bungaphumelela. Yize kunjalo ngokwemibiko yeSunday Sun, u-Andile Ncube…
UJudith Sephuma

Kushone indodakazi yomculi

ISEMANZINI intandokazi yomculi walapha eNingizimu Afrika emva kokushona kwendodakazi yayo ezalwe ngaphambi kwesikhathi. Umculi uJudith Sephuma nomyeni wakhe bazilele ukushona kwengane yabo ebisanda kuzalwa. Kubikwe ukuthi lengane izalwe kungakabi yisikhathi. UMyeni kaSephuma uSimphiwe Mhlambi ngoLwesithathu usebenzise inkundla yokuxhumana iFacebook ememezela ngokushona kwengane yabo yesithupha. Ubhale wathi, “Uzalwe  unamasonto angama-32 kuphela.  Uphile isikhathi esifushane. Ubuhle bakho…
UBonang Matheba ozoba yijaji kuMiss South Africa.

EZIKAQEDA ISIZUNGU

Hlomla Dandla  Mina iyangixaka legenge yama Celebrity uma ingasafuni ukukhokhela izingane zayo imali yesondlo. Ngempela basuke bethi zondliwa ubani lezingane? UHlomla kuthiwa sekuphele izinyanga engayifaki imali yesondlo yezingane zakhe ezimbili azithola noCandy Litchfield. Lomlingisi usole uCandy ngokumenza i-ATM ukuze aqhubeke nokuphila impilo yobukhazikhazi. Kodwa uHlomla usengahlulwa ukukhipha uR4000 nje zinyanga zonke ukuze izingane zakhe zilale…
Usuku olugujwa umhlaba wonke lwe-International Women's Day

Izizathu ezingu 10 ezenza kube mnandi ukuba owesifazane

Asibi nandaba uma umuntu esithandana naye ehola ngaphezu kwethu. Sithola yonke into uma sihleka. Ucwaningo luveza ukuthi abesifazane bahlakaniphile kunamadoda ngisho sebegugile umqondo wabo uhlale ukhaliphile. Asiphoqelekile ukuthi sishele kodwa uma sithanda siyakwenza lokho. Abesilisa basivulela iminyango uma sikhishiwe. Yithini esilala embhedeni uma sixabene nophathina bethu bona balale kusofa. Noma yini esiyogqokayo iyasifanela. Sinothando futhi…
UKhanyi Mbau ongomunye wosaziwayo abazohambela eMgungundlovu.

Ziwinele ithuba nezihlabani zakwi E-tv

ZIZOTHELEKA ngezinkani izihlabani zakwa Etv eMgungundlovu njengengxenye yohlelo lwalesiteshi olwaziwa ngele E-tv Kasi Tours kusukela ngoLwesihlanu mhlaka 28 kuFebhuwari kuze kube nguMgqibelo mhlaka 01 kuMashi. Abalandeli balesiteshi bangalindela ukubona osaziwayo bakwi Rhythm City, Scandal, Club 808, abawina uhlelo lomdanso iStep Up or Step Out ngonyaka ka 2013 kanye nabe Craz-e. NgoLwesihlanu lezihlabani zizohambela iVeritas Night…
Bheki Cele

Ezikaqeda Isizungu

  Bheki Cele Ngizwa kuthiwa uMabhiza ubedansa aze akhase phansi kwi rally kaKhongolose ebingempelasonto eMgungundlovu. Ongazi ubengaze azitshele ukuthi usebuya ezinkambini zikaFaro kanti lutho ubezinamele nje uNdosi emuva kokuba abakwaMpisane bewine wonke amacala abebebhekene nawo okukhwabanisa. Hha! Ngizwile phela ukuthi abakwaMpisane bebethi uma bengaphumi phambili kulamacala iphathi yokuhlukanisa unyaka yamahhala bebengeke bayinuke uNdosi, ubezowuhlukanisa ekhaya…
Kelly Khumao uthe wayengazi ukuthi uSenzo Meyiwa ushadile.

Ezikaqeda Isizungu

    Sthandwa Nzuza Ayi cha sengifisa ukwazi engabe kuholwa malini kuKhozi FM uma abantu abasebenza khona bekwazi ukwenza ama weave oR13 000 ngoJanuwari thina sibe siqhathanisa  usizi, ama centi sizibuza ukuthi iyofika nini iPay Day. Hhayibo lentokazi yakwaNzuza bekukhulunywa ngayo ezinkundleni zokuxhumana emva kokuthi ithenge izinwele zabafi ngo R13 000. Zinhle impela lezinwele zayo…
Iqembu le-Zulu Messengers ebelinandisa emqhudelwaneni obubanjwe kwaHlabisa

Kukhonye ‘ISavana Happy Boys’ kweyesicathamiya

ISAVANA Happy Boys ikhale yemuka nesamba semali engu-R1 500 ngesikhathi idla umhlanganiso emqhudelwaneni wengomabusuku obubanjelwe ehholo laseMkhaliphi, kwaHlabisa, ngoMgqibelo.  Abalale indawo yesibili kube I-Arts Boys ehlomule ngo-R1000, kwathi Inhlwathi Citizen yona yemuka no-R500. Iqembu leZulu Messengers, kaMavulakuvaliwe umfokaMhlongo lenze omkhulu umsebenzi kulomqhudelwano njengoba belinandisa liphinde licobelele amaqembu ngezindlela okumele azilandele ukuze agcine ephumelele njengalo leliqembu. Umphakathi…

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top