Liza eMphithi iBhakabhaka

UVladimir Vermezovic we- Orlando Pirates, uGavin Hunt weBidvest Wits, uStuart Baxter oqeqeshha iKaizer Chiefs kanye noSteve Komphela ocija iMaritzburg United ngesikhathi sedraw yemidlalo eyandulela owamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup emahhovisi ePSL Offices isithombe abakwaBackpagePix.
UVladimir Vermezovic we- Orlando Pirates, uGavin Hunt weBidvest Wits, uStuart Baxter oqeqeshha iKaizer Chiefs kanye noSteve Komphela ocija iMaritzburg United ngesikhathi sedraw yemidlalo eyandulela owamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup emahhovisi ePSL Offices isithombe abakwaBackpagePix.

KUNGENZEKA kuthi mhlawumbe abanye bethu besebecabanga ngenye indlela, themba-ke, futhi yiqiniso i-Orlando Pirates, iBhakaBhaka loqobo liza eMphithi. NgeSonto eledlule iPSL ikuqinisekile ukuthi phela iPirates iza eHarry Gwala Stadium ngoMay 3 ukuzobhekana neMaritzburg United kuma semi final eNedbank Cup ngo8.15 ebusuku. Kanti ngosuku olufanayo ngo3 ntambama, iKaizer Chiefs izobambana neBidvest Wits eBidvest Stadium eMilpark.

Iqembu laseMphithi, iTeam of Choice ithi kuyobe kuvalwe ngomuntu emnyango futhi bona abanandaba naBhakhaniya leyo. Amalungiselelo ezokuphepha nezokuhlelwa kokuza kwabalandeli kuseqophelweni eliphezulu futhi sekuya emaphethelweni. USihlalo weTeam Of Choice uFarouk Kadodia uth iqembu lakhe likuthokozele ukuthola ithuba lokudlala ekhaya nePirates kweyeNedbank Semi final. UKadodia uthi kuhlale kuthokozisa futhi kunika amathemba ukubona inkundla iHarry Gwala Stadium ithe phama abantu baseMphithi.

“Kuhlale njalo kusitshengisa ukuthi ekhaya siyathandwa. Nabadlali nje enkundleni uvele ubone indlela
abalithinta ngalo ukuthi bayachazeka futhi bafuna ukulwela ukufa nokuphila enkundleni. Kubobonke abantu baseMphithi namaphethelo sithi ngosuku lwama semi finals, fikani ngobuningi benu. Phela iUnited isimele iKwaZulu Natal yonkana. Njengabantu bonke baseKZN abathanda ibhola nenqubekela phambili asibambaneni ngezandla ,”kuso uSihlalo.

Kanti umqeqeshi wePirates uVladimir “VV” Vermezovic akananazanga ukuthi ezakhe  zisethubeni lokufinyelela kowamanqamu futhi zize zidle umhlanganiso. UVV uthi sesifikile isikhathi sokuthi ibhadi lokufika kumafayineli amathathu kodwa kungabuywa nazinkomishi liqedwe. “Noma ngisanda kufika kodwa kanti ngabe yibhadi lini leli lokuphikwa yizinkomishi, mina-ke ngithi yithuba lokuliqeda lelobhadi.” Kanti isiyonke imidlalo imi kanje: NgoMgqibelo 03 May 2014 Bidvest Wits vs. Kaizer Chiefs- 15h00-Bidvest Stadium Maritzburg United vs Orlando Pirates-  20h15-Harry Gwala Stadium.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Balibhekise e-Ireland abase-Westville ESS