Hhayi ashubile ama-Quarter Finals e-Nedbank

U-Innocent Mdledle we Supersport United wayebanga noKnowledge Musona weKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngonyaka odlule. Lamaqembu azotholana futhi koweNedbank Cu. Isithombe abakwaBackpagePix.
U-Innocent Mdledle we Supersport United wayebanga noKnowledge Musona weKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngonyaka odlule. Lamaqembu azotholana futhi koweNedbank Cu. Isithombe abakwaBackpagePix.

IQINISO lithi imidlalo yama- Quarter Finals kulempelasonto izoshuba kakhulu futhi baningi abazophuka imimoya.Okubuhlungu ukuthi iKwaZulu Natali izobe imelwe iqembu elilodwa nje vo, iMaritzburg United.

Abafana baseMgungundlovu, iTeam Of Choice izobhekana ekuhambeni
neqembu lase- Free State -iAfrican Warriors e-Charles Mopeli Stadium ngaloMgqibelo (April 12). Noma i-Warriors iyiqembu elidlala  kwi-National First Division (NFD) kodwa izazi zithi liyingozana futhi uma ingabhekile iMaritzburg labafanyana bangawona umcimbi.
Omunye wabadlali owake wadlala isikhathi eside kwi-Team Of Choice nongowokuzalwa eMphithi kodwa osedlala kwi-Free State Stars u- Wiltwer uthe izivakashi kuyofanele zigawule zijeqeze kodwa zingawina uma nje bezoqikelelela.

“I-African Warriors ngiyazi kahle futhi ikulesifundazwe engikusona njengamanje e-Free State.Njengawowonke amaqembu akwi-NFD bayingozi, bayaphuthumana futhi sonke siyazi ukuthi bazozama  ngayoyonke indlela ukufuna udumo futhi nabadlali bezidayisa.Phela imidlalo enje iyithuba lokubonakala kwabadlali,”kusho lomdlali.
Kanti u-Wiltwer uthi iTeam Of Choice kufanele imane iqinise amabhawodi zisuka futhi ilwele ukufa nokuphila.

Isikhulumi se-United sona sithi babheke indlela eya empumelelweni. “Thina siyakwazi esikufunayo, asibhekile ukuthi sidlala nobani kodwa sifuna ukuwina siqhubekele phambili kulomqhudelwano.Asikhohliwe ukuthi sekuyithina kuphela abamele iKZN.” Omunye umdlalo ozoconsisa amathe uvuse namagqubu amadala uzoba phakathi kwe-Orlando Pirates ne-Mamelodi Sundowns ngosuku olufanayo e-Loftus ePitoli. Kanti isiyonke imidlalo ye-Nedbank Cup imi kanje.
Imidlalo imi kanje :

Saturday, 12 April 2014
African Warriors vs Maritzburg United Charles (15h00) – Mopeli Stadium
Kaizer Chiefs vs SuperSport United 15h00) – FNB Stadium
Mamelodi Sundowns vs Orlando Pirates 20h15) – Loftus Versfeld Stadium
Sunday, 13 April 2014
Bloemfontein Celtic vs Bidvest Wits (15h00) – Kaizer Sebothelo Stadium

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Ivalwa  ngoFebhuwari  28  eyeDanone  Nations Cup 2017