Akukapheli ukukhuluma kubalandeli

UBongonkosi Ntuli weGolden Arrows no Mzikayise Mashaba weMamelodi Sundowns emdlalweni we- Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium ngo-Agasti wonyaka odlule. Lamaqembu azobhekana enkundleni efanayo kowe-Nedbank Cup NgoMgqibelo ebusuku. Isithombe abakwaBackpagePix
UBongonkosi Ntuli weGolden Arrows no Mzikayise Mashaba weMamelodi Sundowns emdlalweni we- Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium ngo-Agasti wonyaka odlule. Lamaqembu azobhekana enkundleni efanayo kowe-Nedbank Cup NgoMgqibelo ebusuku. Isithombe abakwaBackpagePix

SEKUSUKILE futhi lokho, kukhona ozolahla..siyohlangan’emarenkeni bakwethu.”Yiwo amazwi obuwezwa ngempelasonto edlule uma abalandeli bebhola bekhumbuzana ukuthi phela ushikishi lweNedbank Cup luyaqhubeka. Amakilabhu amaningi nathathwa njengamakhulukazi kwiPSL azozibona ebhekana namakilambu amancane.Ushikishi luqale ngoLwesihlanu.Kubuhlungu-ke ngoba ofishi abancane bagcina bedle abakhulu. Lena kuzobe kuyimidlalo ye- last 16 yeNedbank Cup.

IBhakaBhaka, i-Orlando Pirates esanda kuphoxwa yiKaizer Chiefs emdlalweni weligi lapho idliwe khona ngo 1-0, izohambela eKapa lodumo lapho izobhekana khona neqembu eladlala isikhathi eside kwiPSL nekuyikilabhu endala kulelidolobha, iSantos.Lomdlalo uzobe use-Athlone Stadium.Omunye owadlala iminyaka kwiSantos nosengomunye wabaphathi u-Adries Burton uthe iBhakaBhaka izohamba kabi eKapa.UBurton ufunga uyagomela ukuthi
kuningi okuzoxaka iPirates eKapa nokuzokwenza idliwe.

“Okokuqala iPirates eyaseGoli, umoya nesimo sezulu sonke nje sizoyixaka.Abadlali bayo bazohluleka ukudlala ibhola abalijwayele.Futhi-ke nabo bayazi ukuthi iPeople’s Team ayizwile
ngabo,”kusho uBurton.Lesikhulu siphinde sathi kumnandi futhi ukuthi iSantos manje idlala kwi-NFD ngoba amazinga nangendlela ekudlalwa ngayo ayifani. “KwiNFD kuyasheshwa futhi abadlali abanikani ithuba lokuphefumula, bayaxinana uze uyophela umdlalo.Okunye wukuthi iPirates isanda kuthola umqeqeshi omusha osafunisela ngesikimu.”Umkhulumeli wePirates uMickey Modisane uthe iBhakaBhaka ikilabhu enkulu nenabadlali abanesipiliyoni futhi  abakwazi ukudlala noma yikuphi.

“Siyayihlonipha iSantos ngoba phela omakadebona futhi ukudlalela ekhaya labo kuhlale
kusinda.Kodwa makungakhohlwakali ukuthi iBhakaBhaka isiwuhambile lomhlaba futhi akusihluphi ukudlala noma ilaphi.Indaba yethu nabo isiyocaca enkundleni kodwa thina asiyi eKapa ukuyocela isihlobo esihle kodwa ukuqhubekela phambili kulomqhudelwano weNedbank Cup,”kusho uModisane.Umqeqeshi wePirates ozalwa eSerbia uVladimir “VV” Vermezovic kodwa kulezinsuku obizwa ngoMnumzane “Zoveza” abalandeli eKZN, uthathe izintambo zokuqeqesha ku-Eric Tinkler ngeviki eliphelile umdlalo wakhe wokuqala wawuwina
ngo 1-0 kudlalwa neMoroka Swallows.Nokho-kehlulwe ngo 1-0 ngesikhathi edlala umdlalo wakhe wesibili neqembu lakhe elidala iKaizer Chiefs. Emva kwalomdlalo abalandeli beBhakaBhaka bakhale ngendlela “UMnummzane Zoveza” asethe ngayo isikimu sePirates.

Kanti iMaritzburg United iya eNorth West ukubhekana nePlatinum Stars ngoMgqibelo.AmaZulu azoba sekhaya, ePrincess Magogo Stadium beBidvest Wits ngalo futhi usuku olufanayo. Kanti neLamontville Golden Arrows izobe idlalela ekhaya eKing Zwelithini Stadium neMamelodi Sundowns ngawo futhi uMgqibelo.Kanti isiyonke imidlalo yeNedank Cup ihlelwe kanje:

Lwesihlanu, 21 Mashi
Santos FC vs Orlando Pirates 18h00
Athlone Stadium

Mgqibelo, 22 Mashi
Platinum Stars vs Maritzburg
United 15h00
Moruleng Stadium

AmaZulu FC vs Bidvest Wits 15h00
Princess Magogo Stadium

Golden Arrows vs Mamelodi
Sundowns 20h15
King Zwelithini Stadium

Sunday, 23 Mashi
Bloemfontein Celtic vs. Witbank
Spurs 15h00
Kaizer Sebothelo Stadium

African Warriors vs Milano United 15h00
Charles Mopeli Stadium

Wednesday, 26 Mashi
Kaizer Chiefs vs FC Buffalo 19h30
FNB Stadium

Moroka Swallows vs SuperSport United 19h30
Dobsonville Stadium

 

  AUTHOR
Jerry Barnes

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
BUKA I-VIDEO: Bezigcina befudumele abalandeli be-ANC eMgungundlovu