Kubanjwe umoya kuBafana Besithende

UBUHOLI bukaThanduyise “Gonondo Uyesabeka” Khuboni budingeka kuyo yonke imizuzu yemidlalo esalele iLamontville Golden Arrows ukuze iphephe ezembeni Isithombe: Backpagepix
UBUHOLI bukaThanduyise “Gonondo Uyesabeka” Khuboni budingeka kuyo yonke imizuzu yemidlalo esalele iLamontville Golden Arrows ukuze iphephe ezembeni Isithombe: Backpagepix

UKUNQOBA kwamaqembu aKwaZulu-Natali kweyeNedbank Cup ngeledlule, kufake ugqozi kwiLamontville Golden Arrows ngokuqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni wayo ne-University of Pretoria oseKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Yize isimo sibukeka singesihle kwi-Arrows ngekusasa layo elimfiliba, abantu abazithola bekwenkulu ingcindezi nguShaun Bartlett umqeqeshi nephini lakhe uBheka Phakathi, kodwa abangakalilahli ithemba.
Ukuqhoqhobalwa yila madoda kwezintambo zokuqeqesha,  sekuletha amathenjana kubalandeli selokhu kukhonjwe uMark Harrison indlela   emva kokuba wukudla kwenduku kwe-Arrows.
UPhakathi okhulele kule liqembu uthi kufanele baqoqe amaphuzu kuyo yonke imidlao ebasalele.
Uthi akukhathaleki ukuthi basekhaya noma ekuhambeni ukuze bagweme  izembe ekupheleni kwesizini.
Kufika lesi simo nje kwi-Arrows, bobabili benoBartlett abakathenjiswa lutho ngezikhundla ezigcwele zokuqeqesha njengoba besabambe izintambo.

UPhakathi akavumi kuthiwe yibo okufanele babambe izintambo zokuqeqesha “Kusekuseni ukuthi sesingaze sisho njalo, okwamanje kufanele sisebenze kanzima, sikhuphuke  sisinde ezembeni.
“Nomsebenzi wokuhlanganisa iqembu nokubuyisa ithemba kubafana ubalulekile.
“ Eyabahambayo nabazoqeqesha okwamanje ake siyikhohlwe nje, kusetshenzwe     ngokubambisana,” kusho lo mqeqeshi. Uthi ubumnandi bomdlalo namaTuks wukuthi  usekhaya.
Kusasa  ngoLwesihlanu    iMaritzburg United “Team Of Choice” ibuyela ekhaya lapho izobhekana khona neMoroka Swallows eHarry Gwala Stadium ngo-7 30 ebusuku.
Umqeqeshi weTeam Of Choice uSteve Komphela uthukile wabuye wazwakalisa  ukujabula ukuthi ezakhe ziwinile ngesikhathi bedlala neBlack Aces.

Nokho uKomphela usakhala kakhulu ngendlela yokucabanga nokuqina komqondo wabadlali  bakhe basemuva, ikakhulukazi uma sekuyiwa ngasemaphethelweni.
“Ukudlala kwethu angisakhali kakhulu ngakho kodwa ngisasho ukuthi amehlo nemiqondo yethu
kufanele ihlale ivulekile, sikwazi ukuqapha nxazonke size siwuqede umdlalo.
“Kufanele sizibambe ziqine sikwazi ukuwina kunoma naliphi iqembu. kodwa kufanele silungise lamaphutha,” kusho uKomphela.

Eminye imidlalo iboshelwe kanje:

NgoLwesihlanu
Maritzburg United vs Moroka Swallows- Harry Gwala Stadium (7.30pm); Ajax Cape Town v Polokwane City – Athlone Stadium (8pm).
NgoMgqibelo
Golden Arrows v University of Pretoria – King Zwelithini Stadium (3.30pm); BidVest Wits v Mamelodi Sundowns – BidVest Stadium (6pm); Orlando Pirates v Free State Stars – Orlando Stadium (8.15pm);  Bloemfontein Celtic v Black Aces  –  Kaizer Sebothelo Stadium (3.30pm)

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Kwethulwe i-Durban U/19 International yesine eMega City