I-United elinye lamathemba e-KZN kowe-Nedbank

UKUNQOBA kwaMaZulu FC i-United FC emdlalweni osekuhambeni weNedbank Last 32 ngempelasontokuzowubuyisakanje umdlandla kubalandeli boSuthu
UKUNQOBA kwaMaZulu FC i-United FC emdlalweni osekuhambeni weNedbank Last 32 ngempelasontokuzowubuyisakanje umdlandla kubalandeli boSuthu

NAKUBA amehlo ezothi njo emaqenjini aKwaZulu-Natali azodlala kwiNedbank Cup Last 32, akukho okwedlula isasasa loweMaritzburg United ezowudlala neMpumalanga Black Aces eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. Isasasa lalo mdlalo lisuka ekutheni womabili lamaqembu abedlana imilala koweligi ngempelasonto okunqobe kuwo i-Aces ngo-2-1.

Nakuba ungasewona oweligi kodwa i-Team Of Choice izolwela ukungakhishwa esibayeni sayo kwazise nalomqhudelwano ungocebe ukuyedlula yonke kwiPremier Soccer League (PSL). Mine imidlalo ezodlalwa ngamaqembu aKwaZulu-Natali kulo mqhudelwano kanti emithathu yayo idlalelwa ezinkundleni zawo ngaphandle kowaMaZulu ne-United FC osekuhambeni. Yize izinto zingayihambeli neze kahle i-Orlando Pirates, abalandeli abakugqizanga qakala ukungaqoqi kwayo amaphuzu agcwele, bawathenge wonke amathikithi omdlalo wayo neThanda Royal Zulu ose-Umhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama. Lo mdlalo unbalulekile kakhulu kwiThanda ngasezimalini njengoba isimo sayo singesihle kwilog yePSL First Division, kufanele igweme izembe ekupheleni kwesizini. Amathikithi ale midlalo ayatholakala kuma-computicket nakwaShoprite Checkers ezweni lonkwe ngoR40 kwabadala noR10 ezinganeni ezineminyaka engaphansi kweyi-12.

Ziwinele amathikithi amabili okubuka umdlalo weCity of Choice naMaZayoni ngokuphendula lombuzo:
Udlalelwa kuphi umdlalo weMaritzburg United neMpumalanga Black Aces?  Phendula ngoku-sms kule nombolo 42283. Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup iqhathwe kanje:

NgoLwesihlanu:
Ajax Cape Town vs. Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium, 20h00);  NgoMgqibelo:
Thanda Royal Zulu vs  Orlando Pirates (Umhlathuze Sports Complex, 14h30);  Free State Stars vs. Witbank Spurs (Goble Park Stadium, 15h00);  AmaBEE FC vs. Bidvest Wits (Sinaba Stadium, 15h00); Platinum Stars vs. Great North FC (Royal Bafokeng Sports, 15h00); L. Golden Arrows vs. Polokwane City (King Zwelithini Stadium, 18h00);  University of Pretoria vs. SuperSport United (TUKS Stadium, 20h15);  Maritzburg United vs. MP Black Aces (Harry Gwala Stadium, 20h15); Moroka Swallows vs. Mbombela United FC (Dobsonville Stadium, 20h15).

NgeSonto:  Black Leopards vs. Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium, 15h00);  Milano United vs. Bloemfontein Young Tigers (Wynberg Military Base, 15h00);  United FC vs. AmaZulu (Olympia Stadium FC, 15h00);  Mainstay United vs. African Warriors (Mxolisi Bicky Jacobs Stadium, 15h00).

NgoLwesithathu:
University  of Stellenbosch vs. Bloemfontein Celtic (Coetzenburg Stadium, 19h30) ;  Santos FC vs Gamalakhe United (Athlone Stadium, 19h30);  FC Buffalo vs. FC Cape Town (Jan Smuts Stadium, 19h30)

 

 

  AUTHOR
Nash Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Bebevive enkantolo abalandeli be-NFP