U-Serero usefakwe kwabazodlala neBrazil

UThulani Sesero ungomunye wabadlali iqembu lesizwe elithembele kuye emdlalweni elizoba nawo neBrazil
UThulani Sesero ungomunye wabadlali iqembu lesizwe elithembele kuye emdlalweni elizoba nawo neBrazil

UMDLALI wasesiswini we-Ajax Amsterdam uThulani Serero usefakwe ohlwini lwabadlali abangama-23 abazobhekana noshampeni bomhlaba bamahlandla amahlanu iBrazil, emdlalweni wobungani okulindeleke ukuba udlalelwe e-FNB stadium, ngoLwesithathu mhlaka 5 Mashi. Ngonyaka odlule, umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund wakhipha uSerero eqenjini ngaphambi kokuba iBafana idlale neBotswana eThekwini, emsola ngokuzenza olimele.

Leliqembu lashaya iSpain ngo 1-0 ngoNovemba, enkundleni eyodwa. Emva kokumemezela abadlali, u-Igesund wathi, “Akusiyo into yansuku zonke ukuba siqhathwe nompetha bomhlaba. Leli yithuba elikhulu lokuba sizibonakalise, senze esakwenza ngesikhathi siqhathwe neSpain ngonyaka odlule,” kusho u-Igesund.  “Njengoba kuyibo abazobe besingethe imidlalo yomhlaba kulonyaka ka-2014, nginesiqinisekiso sokuthi lomdlalo bazowuthatha njengokumele bazibonakalise kuwo, okuyinto ebonakalayo uma ubheka abadlali abaqokwe ukuba babe yingxenye yomdlalo,” kuqhuba u-Igesund.

Ngesikhathi lamaqembu edlalela eSao Paolo, eBrazil, abasingathi bemidlalo yomhlaba bangonyaka ka-2010 bahlulwa.Umqeqeshi weBafana uthi abadlali abaqokile uyabethemba ukuthi bazodlala ngokuzimisela, nathe lomdlalo uzokuba yingqinamba. Amathikithi alomdlalo aseyatholakala eComputicket naseShoprite, Checkers kanye naseShoprite/Checkers, kuzwelonke.  Amanani awo awalingani, kukhona awaR50, R100 kanye nakaR200.

Naba abadlali abaqokwe ukuba babe yingxenye yomdlalo olandelayo: Itumeleng Khune, Ronwen Williams, Thabo Nthete, Bongani Khumalo, Buhle Mkhwanazi, Siyanda Xulu, Anele Ngcongca, Thato Mokeke, Thabo Matlaba, Dean Furman, Kagisho Dikgacoi, Siphiwe Tshabalala, Daylon Claasen, Thulani Serero, Andile Jali, Oupa Manyisa, Ayanda Patosi, Lindokuhle Mbatha, Bongani Zungu kanye noHlompho Kekana.  Ungalindela nokubona uTokelo Rantie noDino Ndlovu. IBrazil yona iqoke abayi-16 base-Europe ukubhekana neBafana Bafana. Ohlwini lwabadlali abaqokiwe kubalwa kubo uJulio Cesar, Thiago Silva, David Luiz, Dante, Dani Alves, Rafinha, Marcelo,   Paulinho, Fernandinho, Luiz Gustavo, Ramires, Oscar, Willian, Neymar, Hulk noBernard.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ubeyimpumelelo umqhudelwano wezemidlalo eWillowfontein