EZINGENA MANJE : Sekubanjwe inkunzi eSportscene eMgungundlovu

BAHLANGABEZANE nenkinga abathengi basesitolo sezimpahla uSportscene njengoba bebengakwazi ukungena kusona namhlanje  (ngoLwesihlanu) ntambama , kulandela isigameko sokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe.

Lesi sitolo esisemgwaqeni uChurch Street eMgungundlovu,  sisavaliwe  okwesikhashana njengoba amaphoyisa esagcwele ngaphakathi eqhuba uphenyo.

Ngokusho komunye wosomabhizinisi odayisa eduze kwalesi sitolo, ozibonele ngesikhathi kwenzeka  lesi sigameko uthe abasolwa abahlanu bangene kulesi sitolo bacse bebonakala sebephuma bebbaleka bephethe izinkwama ezinkulu ezigcwele izimpahla.

Amaphoyisa engena ephuma kulesi sitolo njengoba kade esaqoqa ubufakazi.

“Baphume bephethe inqwaba yezimpahla abathathu baphume bashona ezansi ababili bona baphuma bashona phezulu bebaleka,” kubeka yena.

I-Edendale iphinde  yathola ukuthi sekuboshwe abasolwa ababili kanti omunye wabo ubanbjwe  bude buqamama nalesi sitolo ebanjwa ngabasebenzi bakhona besizana namaphoyisa.

Funda olunye udaba : Kuklonyeliswe abafundi abenza kahle eSobantu High School

Okhulumela amaphoyisa e Mgungundlovu uSeargant Mthokozisi Ngobese uthe imininingwane yalesi sigameko ayikakacaci. “Ngingakuqinisekisa ukuthi kukhona ukubanjwa  kwenkuzi okube khoan esieolo, kanti sekukhona nasebeboshiwe. Imininingwane egcwele siyokhipha uma sesiyazi yonke ukuthi kwenzakaleni,” kusho uNgobese.

Udaba luyaqhubeka.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Recommended Story x
Kutholwe ingane ilahlwe emgqomeni eMgungundlovu