Kwethulwe i-Durban U/19 International yesine eMega City

Abadlali be- KZN Academy U/19 uSiphephelo Sithole no Romario Morris ngenkathi kwethulwa i-2017 Durban Under 19 International Football Tournament eMlazi.isithombe:sithunyelwe

UMQHUDELWANO kanobhutshuzwayo waminyaka yonke obizwa ngeDurban U/19 International ozodlalelwa eThekwini izinsuku eziyi-10 wethulwe ngesasasa eMega City eMlazi ngoLwesithathu.
Isasasa elikhulu lalo mqhudelwano yisiqbulo sawo esithi “Where Stars Are Born” wukuthi usukhiqizele amaqembu aseYurophu abadlali abahlonishwayo muva nje.
Labo badlali ngoThabo Cele waKwaMashu osedlalela iBenfica yasePortugal noRenata Sanchez wasePortugal osedlala kwiBayern Munich yaseGermany.
Bobabili laba badlali badlalela amaqembu esizwe amazwe abaqhamuka kuwona njengoba uCele eseqenjni Amajita elikwiWorld Cup ka U/20 eseSouth Korea.

Izikhulu ezizobe ziyingxenye kowe- Durban U19 International Football Tournament ngenkathi kwethulwa lomcimbi ngokusemthethweni eMega City ngoLwesithathu. Isithombe: sithunyelwe

Lo mqhudelwano uzoqala ngoJulayi 27 uphele ngo-Agasti 5 ezinkundleni ezahlukene eThekwini namaphethelo.
Kulindeleke intsha eqhamuka kuyo yonke iKwaZulu-Natali izobona ozakwabo befeza amaphupho abo okuba ngamaqhawe.
Okhulumela abagqugquzeli balo mqhudelwano uBingi Mavi uthi lemidlalo isiveze yathuthukisa uSanchez osenqobele izwe lakhe i-European Championships nyakenye.
“Singakhohlwa ngowaseNingizimu Afrika uCele iKwaZulu-Natal Academy U/19 ngo 2015 kuwo lomqhudelwano, osayiniswe yiBenfica kanti manje uzogijima eqenjini lika-U/20 elikwi-2017 Fifa World Cup eSouth Korea,” kusho uMavi.
Uthi u-Group A uzobe useKing Zwelithini Stadium eMlazi kuthi u Group B ube seSugar Ray Xulu Stadium eClermont.
EMoses Mabhida Stadium khona kuzodlalela ama-semi-final kuthi amafinal abeseKing Zwelithini Stadium.
IMeya yeTheku uNksz Zandile Gumede iphawule yathi ubuhle baloluhlelo ukuthi lizokwenza okungenzeki ukuthi kwenzeke.
“Asinakho ukungabaza ukuthi lemidlalo yakulonyaka izosibeka ezingeni lokufezekisa izinto ebesingakwazi ukuzifeza.”
“Uma sithatha isinqumo sokuseka lo luhlelo eminyakeni emithathu edlule, izinjongo zethu bekuwukunika amathuba abadlali baKwaZulu-Natali ukuthi baveze amakhono abo kubantu baphesheya kwezilwandle,”kusho iMeya uGumede.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Owe-UHAWD ubonga abaseMlazi ngama-Aerobics