Kutholakale izikhali nezidakamizwa eMbizweni High School

UMMESE otholakale esikoleni eMbizweni High izolo ngoLwesine komunye wabafundi ekilasini.isithombe:sithunyelwe

AMAPHOYISA aseMlazi ophiko lweSocial Crime Prevention, awezokuxhumana, aweDog Unit nawomgwaqo athole ummese  wohlobo lwe-okapi, insangu nogwayi ngenkathi esesha izikole zakulendawo izolo (ngoLwesine).

Lo mkhankaso wokusesha izikole kungalindele muntu wenziwe eMbizweni, eGagasini naseNaleni ocelwe ngothishomkhulu bakulezi zikole ngokubambisene nekomiti elibhekele ukuphathwa kwesikole.

Lokhu kuseshwa  akuzange kumenyezelwe futhi yinto eyenziwa noma yinini ukuze kuqinisekise ukuphepha kwabafundi, kuqedwe nezidakamiza ezikoleni.

UKaputeni Muzi Twala woMlazi Social Crime Prevention ebuzwa ngalokhu kuseshwa uxwayise abafundi ngemiphumela yokubanjwa nezikhali nezidakamizwa ngesikhathi benza usesho.

Amaphoyisa aseMlazi nethimba ebelisesha izikole zaseMlazi ngoLwesine.

“Sibaxwayise ngokuthi kuzokwenzakalani uma bebanjwa nezikhali nezidakamizwa. Manje bazoqonda ukuthi amaphoyisa aseMlazi azimisele ngempela ngokuphepha ezikoleni, sizoqinisekisa ngezinqumo ezithathelwa abatholakala nalezi zinto ezingadingeki esikoleni,”kusho uKaputeni Twala.

Umeme zonke izikole ngokufaka izicelo kubona bazosesha uma zinezinkinga zobugebengu futhi ezinobungozi.

Uthe abayingeni eyezikhali eziyingozi ngezidakamizwa ezikoleni, bakukhathalele ukuphepha kwabafundi.

Uthi abafundi bazoboshwa uma betholakala nezidakamizwa nezikhali eziyingozi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthi ubengakezwa ngalo ludaba.

“Besingakatshelwa lutho njengoMnyango ngalo ludaba kodwa sisazokwenza uphenyo bese sibuyela kunina,”kusho uMnuz Mahlambi.

Ikhansela likaWadi 79 uMnuz Sithenjwa Nyawose uthi uMnyango wezeMfundo kumele ukuqinisekise ukuthi zonke izikole zinokuphepha.

“Ukuze kube nesisombululo, kumele zonke izikole zibiyelwe, abafundi baseshwe kuqashwe nonogada,”kusho uMnuz Nyawose.

Uthe lokhu uma kungenzeki kungabeka ikusasa lezingane nothisha engcupheni.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Uphika eyokuvula isikole soNondindwa owayeku Miss Teen SA