Kunconywe usomabhizinisi ngokunikela ngomfaniswano eZweliyazuza

Esithombeni ingesikhathi kunikezwa abafundi baseZweliyazuza umfaniswano wesikole. Isithombe sithunyelwe

KUNCONYWE igalelo likasomabhizini waseMgungundlovu kulandela ukunikela  kwakhe ngomfaniswano esikoleni sase- Elandskop ngoLwesine.

UMnuz Vusumuzi Sibiya ongumphathi weSibiya Funeral Services unikelele abafundi  abahlwempu abayisithupha basesikoleni samabanga aphansi iZweliyazuza Combined Primary,  eZondi Store.

UMnu Xolani Nkala onguSihlalo wesigungu esengamele ukuphathwa kwesikole uthe beyisikole bathanda ukudlulisa okukhulu ukubonga kuMnuz Sibiya ngabenzele kona. “Sibonga kakhulu ngasenzele kona akwenze kuthina sengathi angakwenza nakwabanye kwande lapho ethathe khona. Ziningi izingane eziqhamuka emakhaya engamile kahle kulesi kole kukhona nezingenazo ngisho izicathulo. Siyabonga ngokuthi asiphendule njengoba sasihambise incwadi emahhovisi akhe ngoMashi sicela ukuba asixhase ngomfaniswano wesikole walabafundi,” kubeka yena.

Funda olunye udaba : Kunconywe umsebenzi we-Dambuza Youth Centre

UMnu M.D Zuma onguthishanhloko wakulesikole uthe basebenza ngabantwana abangalingani kanye nabangafani lomnikelo abawutholile wenza omkhulu umehluko kubafundi kanye nasesikoleni. “Siyajabula kakhulu ngokuthola lomnikelo esiwutholile abafundi sebezothola ukufudumala.  Sibonga kakhulu kuMnu Sibiyanngokulekelela abantwana abahlwempu sebezofunda kahle babe nokuzigqaja kanye nakuMnuz Nkala owangqongqoza eminyangweni yomasingcwabisane kwaze kwalunga bathola ukusizakala abantwana,” kuphetha yena.

 

 

 

 

 

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kusolwa imali yesondlo ngoqhekeko emndenini