Kukhalwa ngenkampani enqamule ugesi eMbali

Esithombeni amakhebula kagesi amalunga omphakathi angala ngokuthi alukho uphawu olubekiwe olukhumbisa ukuthi kunobungozi. Izithombe uBongeka Sibisi

UMPHAKATHI waseMbali Unit 1 kumgwaqo uMthombe bayaveva emuva kokunqanyulelwa ikhebula lagesi ngoLwesibili emini. Lelikhebula lagesi linqamuke ngesikhathi inkampani ethole ithenda yokufaka amapayipi amanzi. Lamalunga omphakathi abethukuthele egane unwabu atshele leliphephandaba ukuthi awuthintile u- Eskom bathi sebefikile bathi bafuna ukusebenza ebusuku ukuze bathole imali eyengeziwe kwathi sebefonelwa ebusuku bathi ngeke besakwazi kuyingozi enkulu ebusuku.

Inkinga yezinkontileka ezenza umsebenzi zishiye zingaqoqanga kahle akukona okokuqala zizwakaliswa kuMasipala uMsunduzi, leliphephandaba like labika ngenkinga izakhamizi zase-Azalea ezazibhekene nayo yemigodi eyayimbiwe  yonkindawo.

Elinye ilunga  lomphakathi elingathandanga ukuba igama lalo lidalulwe lithe sebesabela impilo yezingane zabo ngenxa yamakhebula kagesi asekhishelwe ngaphandle kanti akukho phawu olukhombisa ukuthi kunobungozi. “Abasebenzi balenkampani ethole lelithenda bayamba bashiye amagquma emizini yethu. Kungani besebenzisa ama- TLB ekubeni bazi kahle ukuthi kunezintambo  zikagesi engabe bamba ngamapiki. Sifuna kunikezwe omunye umuntu ohlala kulendawo ayi lento abayenzile banikeza ithenda umuntu ongahlali lapha ngoba sinazo nathi izitifiketi,” kubeka lona.

Liqhube lathi selokhu beme emgwaqeni kusukela ekuseni ababoni moto yakwa- Eskom ezolungisa ugesi nekhansela alikhombisi ukubanendaba nabo. Baphinde banxusa iMeya kaMasipala uMsunduzi ukhansela Themba Njilo ukuba azolalela izikhalo zabo ngoba ikhansela liyahluleka.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwekhansela lakulendawo uMnuz Caiphas Ndawonde ayiphumelelanga njengoba ngesikhathi ethintwa ubike ukuthi usemhlanganweni uzobuyela kuthina nokuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakabuyeli kuthina.

Funda olunye udaba : Seyivuliwe iGolden Horse ngemuva kokuqubuka komlilo

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Kusolwa impi yangaphakathi ngokuphazamiseka kokufunda eTetelegu, eMgungundlovu