Uhlonishwe ngeziqu zobudokotela usomabhizini waseMgungundlovu

Esithombeni nguNkk Constance Ngubane ohlonishwe ngeziqu zobudokotela ngenxa yomsebenzi wakhe omuhle. Isithombe sithunyelwe

USOMABHIZINISI osemnkantshubomvu waseMgungundlovu uhlonishwe ngeziqu zobudokotela ngenxa yemisebenzi emihle ayenzela umphakathi. UNkk Constance Ngubane (43)wakwaMpumuza we- Connie’s Kitchen usanda kuthweswa imiyezane yobudokotela yi- uNited Christ Bible Institute ngenxa yokumbonga ngokuba wusizo emphakathini.  Lokhu kulandela ukugcotshwa kwakhe ukuba abengumfundisi webandla iThembalamaChristian Apostolic Church okwenzeka ngePhasika.

“Ngizibona ngihloniphekile kodwa okubaluleke kakhulu ukuthobeka . Ngingasho ukuthi kunginikeza ugqozu lokuthi ngiqhubekele phambili nalemisebenzi  engiyenzela abaswele kanti futhi ngiqhubeke nezifundo zami njengoba ngiqhuba izifundo zami. Ukubekezela kuyasiza ngoba kade ungelutho ugcina sewuwutho,” kubeka yena.

UNkk Ngubane utshele i- Eyethu ukuthi wathi ephothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni ngonyaka ka- 1995 wasebenza egaraji kwamuhlula wabona kufanele azimele wahamba wayobeka itafula emgwaqeni wadayisa. “Ibhizinisi lami lokudayisa emgwaqeni lasimama ngagcina sengidayisa ukudla kwesipuni ngaqasha nabantu abaningi ababengisiza. Kunesikhathi lapho engaphoqeleka khona ukuthi ngithenge iveni engizokwazi ukulayisha kulo izimpahla ngenxa yokuthi kwasekunenkinga ekhona kulesitolo engangibeka kuso kanti ngizothola isitolo ngangena kuso,” kuchaza yena.

Funda olunye udaba : Babethunywe iphoyisa abazali abashaya umfundi eCarter High School

Uqhube wathi isibindi siyadingeka uma kukhona ofuna ukukwenza yize ubona ukuthi kunzima kodwa uma ubeka ithemba lakho kuNkulunkulu konke kuzolunga. Uphinde waveza ukuthi wenze izifundo ze-Business Management e-TVET college wathola isitifiketi kumanje wenza iDegree e-Unisa, wenza unyaka wesithathu e-United Christ Bible Institute kwizifundo ze-Treasury Administration. Ibhizinisi lakhe selidlondlobale ngendlela eyisimanga njengoba esenamakhishi amahlanu asedolobheni.

Lamakhishi ka-Connie atholakala ku-  106 Church street, 48 Retief Street maqondana ne- Dunlop Tyres, 21 Church Street eduze kwase Shell Garage,  CNR of Pine and Church Street  kanye naseSiteshini  ngaserenki yaseMpendle.

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Uhlomule ngendondo usomabhizinisi waseMgungundlovu