Ugixabezwe ngeminyaka eyi-15 owabulala amsola ngokweba i-dvd.

ISINQUMO senkantolo sithi uMnuz Nginga Raymond Ngcobo uzobhadla iminyaka eyi-15 ebhekene necala lokugwaza abulale uSyabonga Mzimela ngonyaka wezi 2013 emsola ngokweba umshini wokudlala amaDVD.

 

SIGCINE siphumile isinqumo seNkantolo yeMantshi yaseCamperdown ecaleni ebelibhekene noMnuz Nginga Raymond Ngcobo (50) obebhekene necala lokugwaza abulale uSiyabonga Mzimela (17) ngoba emsola ngokweba iDVD endaweni yaKwaNyuswa ngowezi 2013.

NgoLwesihlanu inkantolo ithole uMnuz Ngcobo enecala lokubulala maqede yamgixabeza ngesigwebo seminyaka eyi-15 ebhadla ejele.

USiyabonga wagwazwa amanxeba amathathu wabulawa emuva kokuhilizisana noNgcobo ngoba esolwa ngokweba iDvd player ekhaya.

Leli cala ebeliphethwe ngamaphoyisa esiteshi saseNtshanga kuthiwa umsolwa wabanjwa emuva kwalesi sigameko wabe esegcinwa esitokisini.

Okhulumela amaphoyisa akulendawo uKaputeni uBongumusa Manqele uthi isinqumo sigcine ngokuphuma namhlanje ngoLwesihlanu emuva kwesikhathi eside umsolwa elokhu evela kulenkantolo, singaphumi isinqumo.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kuklonyeliswe abazali kowe Families Matter eMlazi