Bafuna ukuthathiswa okwabantu onobhala bamakhosi

Amahhovisi omnyango wokuBusa ngokuBambisambisana neziNdaba zoMdabu lapho kade bethuthelene kuwo oNobhala baMakhosi

BEBEWOTHA ubomvu oNobhala baMakhosi bakwiziFunda eziyi- 11 zaKwaZulu Natali ngesikhathi bethuthelana emahhovisi oMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ku-Jabu Ndlovu Street bekhala ngokunganyuselwa imali ngoLwesine olwedlule.

Labasebenzi bakhala ngokuthi muningi kakhulu umsebenzi eziwenzayo kodwa sekuphele iminyaka eyisikhombisa bengakhushulelwa umholo. Omunye walabasebenzi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe uthe useneminyaka engu- 25 esebenzela umkhandlu kodwa abacatshangelwa.

Funda olunye udaba lapha : Yizwa: bexwayisa ngobugebengu abantu beqolwa ngelo Mhlanga Tourism.

“Sesiside kakhulu isikhathi ngisebenzela umkhandlu ngithola u- R1600 sinezidingo kodwa abasicabangeli akekho umuntu ongaphila ngalemali .Sitshelwa ukuthi sakhonjwa ngoba siyisihlobo senkosi angihlobene nakancane nenkosi mina. Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi bakwazile ukunyusela izinduna imali kodwa bayahluleka kuthina,” kubeka lona.

Baphinde banxusa ungqongqoshe walomnyango uNomusa Dube- Ncube ukuba alusukumele udaba lwabo ngoba abazitholi nezinsiza zokusebenza  bagcina sebekhipha esikhwameni sabo imali yokuzithenga.

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Angase avumbuke kuWits umgadli owachithwa amaKhosi