ITheku limema abakhangisi bengqephu

Aanye abakhangisi benqephu bakwi Durban Fashion Fair. Isithombe: Internet

UMASIPALA weTheku umema abakhangisi bengqephu  abafisa ukuzibonakalisa kulo mkhakha futhi abazoba sethubeni  lokukhombisa ngamakhono abo kwiDurban Fashion Fair (DFF) ezoba  ngo-Agasti  kulonyaka.

Lokhu  kuhlungelwa kwabakhangisi kuzoqala ekuseni  ngo 8 zingu 12 Meyi  eBotanic Garden kuze kushaye ihora lesihlanu ntambama kanti lilindeleke ukuba ligoqwe ngoMgqibelo ntambama.

Abakhangisi  bengqephu kumele babe neminyaka ephakathi   kweyi-16 – 35 kanti kumele ubude babo bube 1.75m uma bengazigqokile izicathulo eziphakeme  futhi  bangaziphophothi ngokweqile .

IMeya yeTheku uZandile Gumede ithe lomkhakha usunyuse izinga lamathuba imsebenzi .

“UMasipala weTheku  waqala loluhlelo leFashion Development Programme  ngenhloso yokulwa nenselelo  yezimali ebhekene neTheku. Leli ithuba eliyinqayizivele entsheni  esafuna ukuba nekusasa kwimfashini,”kubeka iMeya.

Ungaba  yigxenye yaloluhlelo  ngisho ungakaze wakhangisa ngengqephu  phambilini futhi akudingeki  ngisho uphathe ne(portfolio of photographs), noma ubengaphansi kwe agency ethile.

Kulaba abazohlungwa kulenhlolokhona bazothola uqeqesho kwabasemkantshu bomvu kulomkhakha wemfashini.

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Unephupho lokuvula isikole semfashini ozokhangisa kowe-DFF