Kuklonyeliswe abazali kowe Families Matter eMlazi

Abafundi bebegqoke amajazi emfundo kwi-Families Matter uNksz Sizakele Mkhize, uNksz Precious Modisakeng noNksz Buhle Shezi. Isithombe:Thobile Zwane

ABAZALI baklonyeliswe izitifiketi baphinde bagqokiswa amajazi emfundo ohlelweni olubizwa ngokuthi iFamilies Matter obelukwa F ngoLwesine.

Ongumdidiyeli walo luhlelo uMnuz Sabelo Chamane we-Aids Foundation of South Africa uthi umsebenzi walo wukusiza abazali ekukhuliseni izingane zabo futhi bazivikele ekuhlukunyezweni ngama-Blesser nasezikoleni.

“Sigwema ukukhulelwa kwezingane ezisencane nokuthola izifo zisencane. Sizinikeza amakhono okubhekana  nazo zonke izinkinga ezihlangabezana nazo,” kusho uMnuz Chamane.

Laba bazali uthi bebefunda kulo luhlelo olwenzeka njalo ngonyaka oluthatha amaviki amahlanu, bebefundisa abafundi abangama-46 kanye ngeviki.

Uthi lo luhlelo luqale Olundi ngo 2009 kanti lubhekiswe ikakhulukazi ezindaweni okubonakala liphezulu izinga lokukhulelwa kwezingane.

“Abantu esibhekise kubo kakhulu ngabazali kodwa kufika abesifazane kulo, sisuke sifuna umuntu onendima ayidlalayo empilweni yezingane,” kusho uMnuz Chamane.

Abafundi bebegqoka amajazi bathole nezitifiketi zemfundo ohlelweni iFamilies Matter kwa F ngoLwesine. Isithombe:Thobile Zwane

Unxuse abantu ngokufika ngobuningi babo  kulo luhlelo olusiza kakhulu uma sebefaka  izicelo zomsebenzi  nokuzobenza bahlale bematasa.

UNksz Precious Modisakeng obegqoka ijazi uthi ujabule kakhulu njengoba sebethola izitifiketi zokufunda.

“Ngizizwa nginentokozo, wonke umsebenzi ebengiwenza kulo luhlelo uyabonakala, besifundiswa ukuthi uma ungumzali uziphatha kanjani izingane kanjalo nangempilo emphakathini,”kusho uNksz Modisakeng.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuboshwe umsolwa, 19, ‘odubulane’ namaphoyisa