Imeya ibonge izakhamizi ngokubekezela

IMeya yoMasipala uMsunduzi uKhansela Themba Njilo obonge izakhamizi ngokubekezela.

 

Imeya kamasipala woMsunduzi ukhansela Themba Njilo ubonge izakhamizi ezibekezele isimo esingemnandi sokuhamba kukagesi ngempelasonto yePhasika.

Izakhamizi ezisenkabeni yedolobha, kanye nezindawo ezinjengo-Eastwood, Glenwood, Cindarella, nasePrestbury  zithwale kanzima ngesikhathi kuhamba ugesi okudalwe yinkinga kwesinye sesiteshi eziphaka ugesi.

Kusize ukufika kochwepheshe abaphuma eGoli nokuyibona abakwazile ukulungisa lenkinga edale izindleko eziningi kwabaningi. “Isikhathi sePhasika esokuphumula uhlale nabangani kanye  nomndeni, ukuhamba kukagesi akuyona into emnandi ngoba kuyathikameza empilweni,” kusho imeya enkulumweni ne-Edendale Eyethu.

 

Ukuhamba kukagesi kulethe uvalo kwabaningi lokuthi kungenzeka kube nenkinga yokuhlinzeka ngogesi njengoba kuqala ubusika.

Ngokusho kweMeya kuzokwenziwa konke okusemandleni ukugwema ukuhamba kukagesi njengoba kubekwe izigidigidi zamarandi ukulingisa ingqalasizinda nokuzoqinisekisa ukuthi kungabikho ukuphazamiseka ngokuhlinzekwa kukagesi.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Usetholakele uMkhize obelahlekile