Itholwe isaphila ingane ebigqitshwe unina iphila

Kungesikhathi kumbiwa usana obelugqitshwe unina walo.

 

USABAMBE ongezansi umphakathi waseZinqoleni esifundeni Ugu ngemuva kokutholakala kosana obelugqitshwe ngunina lusaphila ngoLwesine ngesonto eledlule.

Ngokuthola kwaleliphephandaba lona wesifazane oneminyaka engama-24, wabeletha lolusana ngoLwesibili wabe eselugqiba luphila epulazini abesebenza  kulona ePaddock .

Ngokuthola kwaleliphephandaba ngomthombo walo ongashayi eceleni,  lolu sana  luze lwatholwa ngoLwesine ngemuva kokuba abasebenza nalona wesifazane bemubuze ukuthi uyisephi ingane ngoba bebemazi ukuthi ukhulelwe.

Kuthiwa okokuqala akazange aphumele obala kodwa wagcina eselihlanzile  iqiniso

“Kwathi uma eselihlanzile kwasuka abasebenzi basepulazini kanye nomphakathi waya kulendawo nalapho wafike wagumba khona ingane yatholakala isaphila.Yaphuma inezimpethu ngisho nasemehlweni kanti yavele yakhala kwathuka wonke umuntu,” kusho leli lunga.

Omunye wesifazane oxoxisane nephephandaba -Ugu Eyethu uthe bekungcono ukuba lona wesifazane aphisane ngayo lengane kunokuba ayigqibe iphila.

Okhulumela amaphoyisa  kulendawo uKaputeni Gerald Mfeka usiqinisekisile isigameko wathi sekuvulwe icala  lokulahla ingane elizobhekana nalona wesifazane.

“Kuboshwe owesifazane oneminyaka engama-24 ubudala nokusolwa  ukuthi wabeletha ingane wabe eseyayigqiba. Lona wesifazane  uzovela enkantolo maduze ebhekene necala lokulahla ingane. Ingane  yona isesibheldela iyelulama.”

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Kwehlukene imibono ngabazitapela umhlaba kamasipala woMsunduzi