Uyabalisa umzalwane ontshontshelwe esephasikeni

BEKUYIZINSUKU ezinde kubazalwane benkonzo yaseHolly Congregational Church of God ngesikhathi nabo behambele inkonzo yePhasika.

USEDONSA kanzima umzalwane ontshontshelwe esesidlweni sakusihlwa ngePhasika enkonzweni yase 7 Days Covenant Christ elokishini laseMpumalanga ngesikhathi kugqekezwa esikoleni abebekhonzela kusona Ubhedu Primary ngoMgqibelo.

Lezi zigebengu kuthiwa zigqekeze amafasitela kwelinye lamagumbi ebeligcine izimpahla zabazalwane maqede zeba izikhwama ezinemali namakhadi asebhange nomkhalekhukhwini nokunye okuningi.

Owesifazane (24) obeyisisulu esingathandanga ukudalula igama laso sithe kube yiPhasika elilukhuni kusona ngokuntshontshelwa izinto ezibalulekile empilweni yaso.

“Kuyamangalisa ukuthi kungakhona amasela angaba nesibindi sokungena endlini yesonto antshontshe izinto zabazalwane,” kukhala lomzalwane.

Uthe akazi ukuthi uzothathani, ahlanganise nani njengoba elahlekelwe yizinto zakhe ezibalulekile kuyena., kube nzima ukuphothula usuku izinhliziyo zibuhlungu.

Okhulumela amaphoyisa esiteshi saseMpumalanga uKapteni Bongumusa Manqele uthi bazophenya ngalo ludaba ukuze kutholakale abasolwa kulokhu.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Umphathiswa wezoLimo wethule umhlahlandlela