IKings iya ngeqholo kowayo neCape Town All Stars

THOBANI Kunene weReal Kings okubhekeke athwalise kanzima iCape Town All Stars koweligi oseSugar Ray Xulu Stadium namhlanje ngoLwesithathu ngo 3 ntambama. Isithombe: Mthandeni Madlala

KULINDELEKE ukuba iqembu laseMophela ngaseHammarsdale iReal Kings iqhubeke lapho igcine khona ngokuqoqa amaphuzu isibhekene neCape Town All Stars koweligi namhlanje ngoLwesithathu eSugar Ray Xulu Stadium seClermont ngo 3 ntambama.

IKings iya kulomdlalo ihlezi endaweni yesi-8 kwilog ngamaphuzu angama-31 emuva kokwenza kahle emidlalweni yayo yakwamuva. I-All Stars engenzi kahle kulezi zinsuku ayililahlile ithemba lokubuya namaphuzu agcelwe ukuze isuke endaweniu embi ekuyona nngasemsileni.

USiphamandla Mhlongo okhulumela iKings utshele iKZN Eyethu ukuthi baya kulomdlalo beneqholo lokubuya namaphuzu agcwele banyekele phezulu kwilog.

“Iqembu likulungele ukubhekana neCape Town lapho esibheke ukubuya namaphuzu agcwele kwazise abafana benza kahle kakhulu,” kusho uMhlongo.

IKings isanda kuthela ngehlazo iMilano United ngesibhaxu sika 5-1 kuyo lenkundla, baphinda esifanayo beshaya iBlack Leopards ngo2-1 eThohoyandou eLimpopo .

Uveze ukuthi nakuba kunabadlali abathintekile kweminye imidlalo kodwa kungenzeka badlale kowanamhlanje.

“Konke kumi ngomumo lizoshona elanamhlanje sekucacile ukuthi sibheke kuphi ngamaphuzu esiwadingayo,” kuphetha uMhlongo.

USphesihle Nzimande ongumdlali oqhamuka kuMaZulu, ubhekwe ngabomvu ngokuqhubeka nokuvalela amagoli kuleli qembu njengoba ehamba phambili.

Eminye imidlalo yanamhlanje iqhathwe kanje: jangoLwesithathu: Santos vs University of Pretoria – Athlone Stadium (15h00); Thanda Royal Zulu FC vs Black Leopard- Umhlathuze Sport Complex (15h00); Royal Eagles vs AmaZulu – King Zwelithini Stadium (15h00); Magesi FC vs Jomo Cosmos – OPM (15h00) Witbank Spurs vs FC Cape Town – Puma Rugby Stadium (15h00); Mbombela United vs Stellenbosch F.C. – KaNyamazane Stadium (15h00).

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Usola ubudedengu besibhedlela owazala umntwana onenhliziyo enkulu, enembobo