OwaKwanyuswa ufuna ukubuyisa isicoco sika-Mrs SA

UNkk Ziphelele Ndokweni okwi-Top 25 kaMrs SA. Isithombe: Sithunyelwe

“UKUNQOBA isicoco sikaMrs SA kuzonginika ithuba lokushintsha izimpilo zabantu abasha okusahlwile kuyona, kufezekise nephupho lami lokwakha isikhungo sabaphila nokukhubazeka ngengqondo kwabasekhaya.”
Lawa ngamazwi kaNkk Ziphelele Ndokweni (32) waKwaNyuswa osekwiTop 25 ka-Mrs SA okungunobuhle ongenelwa ngabesimame abashadile, usuku lwamanqamu olusazomenyezela kanti ngo-Ephreli 28 kuzohlungwa abangama-25 emcimbini ose-Emperor’s Palace eGoli.
Ukuzethemba kukaNkk Ndokweni kumenze alibeke ngembaba elokuthi uzibona ebalwa nabathathu abazophuma phambili kulo mqhudelwano.
”Ukuba ku-Top 25 kusho ukuthi kukhona okuhlukile okuhle ngami njengoba ngihlule iziphalaphala eziningi kanje, uma ngingawina lo mncintiswano ngeke ngigcine nokukhanyisela intsha nokwakha isikhungo sabaphila ngokukhubazeka ngengqondo kuphela.”
“Ngizophinda ngilwele ukuthi izinhlangano ezisiza abaphila nesifo sesandulela ngculazi (HIV) nezinye izifo zithole uxhaso.”
“Ngisebenzile nezihlangano ezisiza umphakathi ezifana neHospice ngizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngibe nothando kubantu, ngibonga kakhulu umndeni wami ngokungeseka.”kuphetha uNkk Ndokweni
Ofisa ukuvotela uNkk Ndokweni enga-sms Ziphelele Ndokweni ku-35959 noma kwikhasi lakhe kufacebook.
Lo nkosikazi uneziqu zeMarketing Management, useke wasebenza kwi-East Coast Radio iminyaka emithathu.
Udlulele kwiGagasi FM lapho efike wathwala khona izigqoko ezimbili ngokuba yinhloko yokwenziwa kangcono kwezokusatshalaliswa komkhiqizo (Head Of Creative And Promotion) nokuba ngumphathi kwezokukhangisa (Advertising Manager).
Ngonyaka odlule lesi sicoco sithathwe nguNkk Hlengiwe Thwala naye waKwaZulu-Natali nokulonyaka uNkk Ndokweni uthembisa ukubuyisela ekhaya.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Umjaho wokuthengela abafundi abawu-3000 izicathulo