Usizwe ukungena ezinkundleni zokuxhumana umculi osafufusa

Umculi osafufusa uKhumz Jaylar ozitholele udumo ngokufaka umculo wakhe ezinkundleni zokuxhumana. Isithombe:Zama Mathonsi.

UMCULI osafufusa uKhumbulani Mbatha odume ngelika “Khumz Jaylar” waseMlazi kwa-H uthuse abaningi ngesikhathi ehlanyisa izihlwele ebezigcwele kwi-Durban  Picnic  Day ebiseMoses Mabhida ePeople’s Park ngoMgqibelo.
Lomculi uqwashise ozakwabo abasafisa ukuphumelela kulo mkhakha ngokungazitheli ngabandayo, umculo wabo mabawufake nasezinkundleni zokuxhumana, bangalindi ukuyongqongqoza imnyango abangazi noma iyovuleka yini.
“Mina sengiphuma ngisho eGoli ngoba ngizitshela ukuthi umculi uphumelela ngokuya khona kodwa ngabuya ngilambatha. Ngaze ngasizwa ukuthi ngifake umculo wami ezinkundleni zokuxhumana nalapho usabalale khona ngendlela eyisimanga.”
“Ngatholwa enye yama-recording company aseKZN eyacela ukusebenzisana nami, ngalokho ngithi noma ngabe ngubani angaliveza ithalente lakhe ngobucwepheshe osebukhona,”kuchaza uKhumz Jaylar.
UMbatha usho lokhu enanela amazwi omrepha uRiky Rick awasho kumaMetro Awards abaze bamnqamula esakhuluma abahleli bomcimbi, egcizelela ukuthi abaculi abasafufusa abafake izingoma zabo ezinkundleni zokuxhumana kwazise baningi abanamathalente kodwa abanganikwa amathuba.
Nomculi weKwaito uL’vovo Derrango obekule-Picnic ulincomile izinga la lomcimbi, wayihlaba eyabaculi abangakholelwa ekutheni bangaphumelela noma bekhphi kulo mkhakha.
“Kwakukudala lapho kwakuthiwa ukuze umuntu aphumelela kufanele ayeKwaNdonga ziyaduma. Mina umuntu akazibonakalise ngakubo kuqala angajahi, thina saziwa umhlaba wonke akukho lasingangeni khona kodwa saqala ekhaya,” kusho uDerrango.

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuhlunyeliswe abakhubazekile eCity Hall