Uthi uzosebenza kakhulu kunakuqala owe-Afro Pop

UMculi we-Afro Pop uScelo Gowane ozokhipha ucwecwe lweVideo yengoma yakhe kuleMpelasonto. Isithombe: Mthandeni Madlala.

UMCULI we-Afro pop uthi kuyena ukukhipha kwakhe ingoma kumenza abenogqozi lokuthi asebenze kakhulu kunakuqala ukufeza umsebenzi wakhe omuhle kulendima.

UScelo Gowana waseNewlands osebe endimbeni yezomculo iminyaka engaphezu kwemihlanu  usanda kukhipha ingoma yakhe ethi “Uma Esehamba ” uthi uzimisele ngokuthi kwi-Albhamu yakhe ezophuma ekupheleni kwenyanga uMay kulo nyaka.

Lo mculi uthi kuningi akufundile emculweni ngokubona abaculi befika nomsebenzi omuhle kodwa kuthi elandelayo ishaye udaka.

“Okubalulekile ukusebenza kakhulu kunakuqala ukugcina umsebenzi wakho umuhle ngasona sonke isikhathi ungezwakali umsebenzi wakho uphelelwa Amandla lapho abathandi bomculo wakho bewulangazelele” kusho uGowana.

Uthi izingoma zakhe kule-Albhamu yakhe ezophguma zizoba yi-12 kube nenye ingoma ezoba isengezo kulezi.

Njengoba ethi izobe ijiye ngezingoma kubalwa ethi Ngingumuntu nami,Wenzani,Angidlali,Ibhanoyi nezinye eziningi.

Nakuba uScelo uthi le-Albhamu yakhe athi inongwe ngemicwi ye-Afro-pop, Hip Hop kanye neR&B uthi akakayiniki isihloko ngenxa yokunikeza ithuba abadidiyeli bakhe ukuthi baxoxisane ukuba iliphi igama angalisebenzisa kuyona.

Lo mculi oke wabonakala kweminye yemicimbi emikhulu kubalwa iHezelmere Dam neminye eminingi.

UScelo ongumculi uphinda abengumdidiyeli aphinda abhale uthi konke lokhu kudinga isikhathi futhi nothando lomsebenzi wakho.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Bazomela iTheku phesheya kwezilwandle abe-Afro Soul