Uhlalele ovalweni osinde edutshulwa amaphoyisa eHammersdale

KUSENZIMA nokuthi akhulume ngesigameko esimehlele owesilisa oneminyaka engama-23  osinde kukubi amaphoyisa ezama  ukumqotha ngenhlamvu kodwa amugeja ngesonto eledlule.

Lona wesilisa waseMpumalanga Unit 3 igama lakhe esiligodlile, kuthiwa ubethi uyovala isango ngesikhathi ebona imoto iza ngejubane   kuyena  yabe isivulela ngenhlamvu.

Lemoto kuthiwa ibihamba amaphoyisa amathathu  nokusolwa ukuthi abecwile ezinkanjini zikaFaro nezintombi zawo njengoba kade ezivakashele kuyona lendawo.

Kuthiwa isizathu  esenze ukuba lamaphoyisa avulele ngenhlamvu ingoba abemufanisa lomfanyana nomunye oke wazama ukubamba inkunzi.

Ngokusho kwelunga lomndeni walomfana nalo esiligodlile igama lalo, lithi kuyabaxaka loku okwenzekile ngoba umfana wabo  ubehleli endlini ebuke umabonakude akakaze aphume njengoba sebemusola ngokubabamba inkunzi.

“Ingane ibiyovala isango njengenjwayelo, sizwe sekuqhuma isibhamu sasaba ngisho ukuphuma besizitshela ukuthi ingane isishonile ngoba kuthathe isikhathi eside ingangeni endlini nathi sisaba ukuphumela emnyango.
Kusithuse kakhulu ukuzwa ukuthi ngamaphoyisa lawa abehlasela egcekeni, ingane ithe ibone ngemoto iqonda-ngqo esangweni kwaphuma abalisa ababili bathi “wenja woza la” emva kwalokhu ithe bavulele ngenhlamvu,” kuchaza ilunga lomndeni.
Liqhubeke lathi sebehlalele ovalweni ngoba abazi noma basazobuya yini nokuthi kuzokwenzakalani njengoba sebevule necala. Uphinde waveza  ukuthi isisulu kuze kube imanje sisathukile kangangokuba sesiba ngisho ukudayisa esitolo njengoba kade senza ngaphambi kokuba sidutshulwe.
Uphethe ngokuthi amaphoyisa yiwona okufanele avikele umphakathi ayilento ayenzayo yokuhlasela abantu emzini yabo nokuthi azehlise isithunzi aphuze namantombazane angawazi.
Umphathi siteshi samaphoyisa aseMpumalanga uColonel Sipho Nkomo usiqinisekisile lesi sigameko washo nokuthi icala selidluliselwe kwi- Internal Police Investigation Directorate (IPID) okuyibona abaphenya izindaba zokukhohlakala kwamaphoyisa.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
IMUT ihloniphe uSolwazi Gray ngegalelo kwesengculaza