Bazomela iTheku phesheya kwezilwandle abe-Afro Soul

Iqembu eliyomela iTheku kwi-Essence Festival ese-United States of America. Isithombe: Sithunyelwe

IQEMBU lomculo we-Afro Pop elibizwa nge-Afro Soul lithembisa ukuyodoba nabakwamanye amazwe ngomculo walo ukuze batheleke eNingizimu Afrika kwi-Essence Festival ezoba ngoSepthemba emva kweyase-United States of America (USA) engoJuni 27.
Okhulumela le liqembu uSabelo Ngema uthi bebengakulindele ukuba sohlwini lwabantu abazoyemenywa kulo mcimbi ose-USA.
“Sibonga uNkulunkulu nguye osibeke lasikhona, yize besingalindele ukumenywa kulo mcimbi omkhulukazi kodwa abantu esikhethwe nabo ngesibabonayo ukuthi balimele ngempela elakuleli, ngokomculo nangendlela yokugqoka,” kuqhuba uNgema.
Uqhubeke ngokuthi ukuqokwa kwabo kusho ukuthi kumele baqale bazilolonge bahambele izindawo abazofike bacule kuzona.

“Siyiqembu elikhululekile futhi elibalalelayo abalandeli uma begxeka, emicimbini esiyihambelayo sike sibagqugquzele ukuthi basitshele lapho befuna silungise khona. Lokhu sikwenza ngoba siyazi ukuthi kuzosakha ngoba kubalulekile ukwenza okufunwa ngabalandeli bethu.”
Abanye babaculi abamenyezelwe ukuyomela iTheku kubalwa iHeels Over Head, i-Afrika Mamas, Ithwasa Lekhansela neHyena Blue.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Koboshwe iphoyisa elisebenzise imoto yomsebenzi ‘liyogqekeza’