OwaseMlazi uqwashise ngokuntshontshwa kwezingane

UKAPUTENI Carmen Rhynes wesiteshi samaphoyisa saseMlazi ekhuluma namantombazane asemancane ngezinselelo abahlangana nazo e Methodist Church of Southern Afrika kwa-U. Isithombe:Sithunyelwe

UKAPUTENI uCarmen Rhynes wasesiteshini samaphoyisa eMlazi uqwashise amantombazane esikole ngokuntshontshwa kwezingane nangezidakamizwa eMethodist Church of Southern Afrika kwa-U eMlazi.

Kule ngxoxo uKaputeni Rhynes ubekhuluma nabafundi bakasonto sikole athe isibalo samantombazane anenkinga yezidakamizwa sesiyi-150 kanti iminyaka yawo ilinganiselwa kweyi-13-17.

Unikezele lezi zingane ngolwazi lwemizimba yazo, ukuziqhenya ngokuba ngabamnyama, ukuqonda ngemikhakha yokufunda nokwamsiza ekuphumeleleni izifundo zemfundo ephakeme.

UKaputeni Rhynes utshele labafundi  ngokuqaphela ekuthandeni kwabo izinto ngoba abantu abaningi bantshontshwa kade behehwe ngemali kubalekwe kuyiwe nabo emazweni angaphandle bayokwenziwa izigqila.

“Nginixwayisa ngokuqaphela abangani, noma ngubani ezinkundleni zokuxhumana ngoba uthola ukuthi loyomuntu ufake imininingwane okungeyona eyakhe ikakhulukazi izithombe eziwumbombayi,”kusho uKaputeni Rhynes.

 

Uthi abafundi mabangavumi ukuhlangana nomuntu abangamazi abakwi-website ngoba kujwayeleke ukuba nengozi umuntu agcine esethunjwa.

Uqhubeke ngokuthi emhlabeni jikelele sekushushunjiswe abantu abayizigidi eziyi-12, u- 80% wabo ngabesifazane nezingane.

“Lokhu kuyinkinga enkulu yokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, kuyinto enkulu kulomkhakha wobugebengu  nezidakamizwa emhlabeni,”kusho uKapteni Rhynes.

Uphethe ngokuthi amantombazane kumele bashayele lenombolo ukutipha amaphoyisa ku: 08600 10111 wathi amantombazane angangazisho amagama azo uma efuna ukubika nganoma ibuphi ubugebengu emphakathini.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Amaphoyisa athungatha ababulale iMenenja kaMasipala