Sisele dengwane isaguga esixoshwe emzini wakubo e-Ashdown

: Amalunga omphakathi abethukuthele egane unwabu abebuyisela ngenkani izimpahla zikagogo.Isithombe :Ntombizethu Ngcobo

 

USEPHENDUKE undingasithebeni owesifazane wase- Ashdown okhishwe endlini ayishiyelwa ngabazali bakhe abangasekho emhlabeni  ngoba kuthiwa umuzi sewudayisiwe .

UNksz Busisiwe Ntshibe (75) ohlala nomzukulu oneminyaka engu- 37 uthe useneminyaka engu- 70 ahlala kulomuzi uhlangabezwe yizimpahla ngaphandle kocingo ngesikhathi evela esitolo.

“Lesigameko senzeke ngesikhathi ngingekho ngisaye esitolo ngezwa ngomunye umakhelwane ongitshele kuthi angiphuthume ekhaya kukhona okwenzekayo sekuze kwakhishwa nezimpahla. Ngesikhathi ngifika labantu bebehamba namaphoyisa kanye no- sheriff bafike bagqekeza bakhiphela yonke impahla ngaphandle kwesango bangitshela kuthi ngingabe ngisangena umuzi ududayisiwe,” kubeka uNksz Ntshibe.

Uqhube wathi labantu baqala ukumhlukumeza ngonyaka ka- 2012 wagqigqa izinkantolo kuqulwa lelilicala lokudayiswa komuzi kodwa bengafiki waze watshelwa umeli walomkhipha endlini ukuthi akayeke phansi ngoba labantu abazimisele ngokufika enkantolo.

“Ngibuhlungu kakhulu emoyeni ngoba abangazi njengamanje ngizolibangisaphi angisenamuva kanye nephambili. Akukho maphepha awubufakazi bokuthengwa kwendlu engitshengiswe wonke ngivele ngakhishwa nje. Bengicela ukubuyela ekhaya labantu bahlukane nalomuzi bangishiye ngokuthula. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi ngizodayiswa nangabantu bomthetho okuyibona okumele basivikele kodwa banesibindi sokuzongikhiphisa okwenja kithi,” kubeka uNksz Ntshibe ehlengezela izinyembezi.

Amalunga omphakathi abethukuthele egane unwabu azame ukubuyisela ngenkani izimpahla zalona wesifazane nokugcine sekubanjwana ngezikhwepha nabanikazi abasha bomuzi. “Iyasixaka kakhulu lento yamaphoyisa asesiteshini iPlessislaar asitshele ukuthi awahlangene wona  naloludaba umphakathi nekhansela bazobona ukuthi benzenjani.

Sizozithathela umthetho ngezandla ngoba ibona abasinike igunya sifuna kubuyiselwe impahla kagogo makungashitsha izulu kufike imvula uzokwenzenjani njengamanje intambama  ebsuku uzolala kuphi nendawo,” kuchaza elinye ilunga lomphakathi elingathandanga ukuthi igama lalo lidalulwe.

UNksz Busisiwe Ntshibe (75) ophenduke undingasithebeni ngesikhathi ekhishwa emzini wakubo kuthiwa sewudayisiwe . Isithombe :Ntombizethu Ngcobo

Ikhansela lakulewadi uBernard Dumisani Phungula kade ethintwa mayelana naloludaba uthe ubeseluziwile loludaba wathi kodwa inqubo yokususwa kwabantu (Eviction order) ngesenkantolo abekho bona ngaphezulu kwayo. “Sikhathazekile kakhulu ngesimo ugogo abhekene naso sesike salithinta Ihhovisi loMvikeli woMphakathi kanye no-  Legal aid sizama izindlela zokuthi kutholakale isixazululo saloludaba. Sesike samthinta kumakhalekhukhwini umnikazi omusha wendlu simunxusa ukuba ahlalise ugogo okwesikhashana siyathemba ukuthi uzosizwa  amuzwele,” kuchaza ukhansela Phungula.

Funda  olunye udaba : Basale dengwane abagibeli bamabhasi ngenxa yesiteleka 

Uqhube wathi abahambisani neze nokuhlukunyezwa kogogo nezingane bazoyithinta yonke imigudu efanele ukuze athole ukusizakala ugogo njengoba esephenduke undingasithebeni. Uphinde wanxusa noma abantu ukuthi balule isandla kulekelelwe ugogo akwazi ukuthola ikhaya. Uphethe ngokuthi ucabanga ukuthi zihanjwe zonke izigaba ezikemthethweni uma kukhona okungenziwanga ngendlela efanele bazokubika.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Akaziqhenyi ngemuva lakhe uBongumusa Mthembu