Uvalo ngokubulawa kwabantu eDambuza

basale bedindilize kanje abalisa abathathu nowesifazane ngemuva kokudutshulwa ngoMgqibelo eDambuza. Isithombe Sithunyelwe.

 

AMALUNGA omphakathi waseDambuza athi aselala obenyoni ebusuku kulandela izigameko zokubulawana ezenzeka  kulendawo.

Esikhathi esingaphansi kwamasonto amabili sekudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu kulendawo  kanti abasolwa  kuze kube imanje abakatholwa.

Ngesonto eledlule kudutshulwe kwabulawa  uMoja K Magwaza owadutshulwa wabulawa ngaphandle kwesango lakubo. Ngempelasonto kudutshulwe abalisa  abathathu kanye nowesifazane nokuthiwa  babehambele umlindelo wakhe uMoja obefihlwa ngempelasonto.

Elinye  ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa igama lithe sebesaba ngisho ukuhlala kulendawo ngendlela ekwenzeka ngayo.

“Ukukhuluma iqiniso  nje siyesaba  manje ngokubulawa kwalabafana. Okubuhlungu kakhulu ukuthi abanye babo akubona abakulendawo kodwa bafika bezoqasha kulendawo uma sebeshonile bahambe bayongcwatshwa emakubo. Usaba ngisho ukuthi  uzothi usamile  udutshulwe , ngisho izingane zethu azisaphephile makunje,” kubeka lona.

Elinye lithe sebesaba ngisho ukuphumela emnyango ebusuku ngoba bangase bathuke nabo sebedubuleka ngoba lendawo isiphenduke kwashaya sibhamu.

IKhansela lakulendawo uMnu Sipho Madonda  uthe bakhathazekile kakhulu ngokwenzeka kulendawo wathi sebezoqinisa ezokuphepha ikakhulukazi njengoba kuza isikhathi sephasika.

“ Kusiphatha kabi okwenzeka lapha kulendawo asihambisani nako lesi senzo sokubulawa kwabantu siyasigxeka kakhulu asihambisani naso . Ngidabukela kakhulu imindeni elahlekelwe , kodwa sesihlangene  ukudingida ukuthi into esizoyithini lena. Sesihlanganise izinhlangano zokuphepha emphakathi sihlangene nomphathi siteshi  wasePlessislaer ukuqinisa ezokuphepha kulomphakathi. Sekuzoba khona izinhlangano zokuphepha kusuka manje kanye namakomidi ezemigwaqo azohlola lendawo,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba enganalwazi olugcwele ukuthi lokubulalana kusukaphi kodwa bayalwisana nobugebengu kulendawo.

Uphethe ngokuthi  anxuse umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla kodwa uyekele  emaphoyiseni ukuba enze uphenyo ukuze  kuboshwe lezi zigilamkhuba.

Funda olunye udaba : Bacela usizo  abashiselwa umuzi ngoba besolwa ngokuthakatha 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kuyakhalwa ngodutshulwe wabulawa  eDambuza