Waliwe ingoduso wayibhokoda ngommese  owaseSweetwaters

UNks Babhekile Shelembe obhokodwe isoka lakhe ngemuva kokuba elalile. Isithombe : Sithunyelwe

 

UMNDENI wowesifazane waseSweetwaters usababaza  isihluku ekubulawe ngaso indodakazi yawo ebhokodwe isoka layo ngoba ithe abahlukane ngoLwesibili emini.

UNks Babhekile (38) nobeseyingoduso kwisoka lakhe,  utholwe enamanxeba okugwazwa umzimba wonke kanti utholwe   indodakazi yakhe eneminyaka eli-17 ubudala edindilize ekameleni lakhe.

Ngokusho kukadadewabokamufi uNks Thoko Shelembe uthe umufi ufike ekhaya ngoLwesibili ekuseni ephelezelwe isoka lakhe  njengoba kade elale kubo, lamubeka esangweni wabe esengena endlini elungiselela ukuya edolobeni.

“Ngesikhathi efika ekuseni ufike watshela indodakazi yakhe ukuthi ucishe wafa  njengoba  isoka lakhe kade limuklinya ubusuku bonke  lithi liyamubulala ngoba ethe abahlukane, kodwa laphinda lamuyeka lathi liyamuxolela kodwa ngelinye ilanga liyombulala,” kubeka yena .

Uqhube wathi ngemuva kokuba umufi engene endlini isoka alizange lihambe kodwa beliloku lizulazula emgwaqeni  kwaze kwahamba unina kamufi  noyise lasala lasesha ezinganeni ukuthi kukhona bani nelibe seligulukudela ngaphakathi.

“Udadewethu ubesegezile elungisela ukugqoka njengoba ebezoya edolobheni . Kusho ukuthi ufike wamumboza ngekhava yombhede ngoba asimuzwanga ngisho ekhala njengoba besihleli kwenye indlu, ngoba iyona esiyithole ifihlwe phezu kuka-wodrope igcwele igazi. Ingane yakhe iyona emutholile kade ithi izobheka ukuthi usehambile yini ukuya edolobheni. Ikhuze  umhlola ikhala imemeza sagijima samuthola embozwe ngesiketi abesi ayinele  ukuthi uzosigqoka edolobheni nokuthe uma simunyakazisa sathola ukuthi usethulile useyabanda ugcwele amanxeba umzimba owonke ngisho ekhanda,” kuqhuba  yena.

Umsolwa kuthiwa ushaye wachitha nezimpahla ezigcwele  igazi ebezigqokwe umufi okubalwa kuzona ngisho isikhindi sangaphansi njengoba ebonakele ephuma ebaleka neplastic. Kuthiwa uphinde wakhuthuza nesikhwama sikamufi wathatha yonke imali wasishiya sivuliwe.

Lomndeni uthi namanje usashaqekile ukuthi umsolwa angenza  into efana nalena ngoba ubengumuntu  ozithulelayo kanti futhi besebemujwayele bemazi njengomuntu olungile. Nakuba umsolwa kade esecele isihlobo esihle kaShelembe kodwa bebengakabi nazo izingane nomufi.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer  uKapteni Musa Ntombela usiqinisekisile isigameko wathi kodwa akukaboshwa muntu. “Amaphoyisa aphenya icala lokubulala  kodwa bekungakaboshwa muntu, ngemuva kokuba owesilisa egwaze wabulala intombi yakhe eSweetwaters ngoLwesibili emini. Umsolwa  usagcwele amathafa,” kubeka uNtombela.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Imeya ibonge izakhamizi ngokubekezela