update


Owe-UHAWD ubonga abaseMlazi ngama-Aerobics

Bebejabule kanje abe- Umlazi Health And Wellness Development Gym ngoMgqibelo beqeda ukuzivocavoca ngoMgqibelo.Isithombe:Sithunyelwe.

USIHLALO nomhleli wemicimbi yokuzivocavoca  ama-Aerobics uBonginkosi Gwala kowe-Umlazi Health And Wellness Development uthi ubonga bonke abantu baseMlazi namaphathelo ngokwenza umcimbi wabo ubeyimpumelelo.

Uthi ngokukhethekile uthi ubonga ikomidi le- Umlazi Health And Wellness Development ngokuhlala ligcizelela ukwenziwa komsebenzi omuhle wokuhlanganisa abantu baseMlazi.

Abawina esigabeni iFitness Challenge ku-Umlazi Health And Wellness Development Gym bathole izindondo.Isithombe:Sithunyelwe.

“Sibonga kakhulu abaxhasi ngoba ubungeke uphumelele lomcimbi ngaphandle kwabo. Sithemba ukuthi sizohlala sixhumana ngokuletha intuthuko kubantu baseMlazi ngenhlonipho,” kusho uGwala.

Uqhubeke wabonga nabaqeqeshi baKwaZulu-Natali ngokuqikelela ukuthi abantu ukuthi imizimba yabo iphile saka  futhi inamandla, okuyinto edingwa wumzimba.

Bebejuluke bemanzi te abebezivocavoca ngenkathi kwethulwa Umlazi Health And Wellness Development Gym eGriffiths Mxenge Hall ngoMgqibelo. Isithombe:Sithunyelwe.

“Siyabonga kakhulu ukusihlonipha nisuka kude namaqembu enu nizobambisana nathi, ngithi sisonke singayiphakamisa  iKwaZulu-Natali,”kusho uGwala.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Uyofundela ubudokotela okhuliswe nguyise kuphela