Abase St Francis college sebeseManchester eNgilandi

INGXENYE yabadlali nezikhulu zeSt Francis College efulathele leli ngoLwesibili yalibhekisa kwi-International Youth Soccer Tournament ezodlalelwa eManchester eNgilandi ngempelasonto. Isithombe : Nash Ngcobo.

IQEMBU lika-U/17 leSt Francis College lifulathele elakuleli  ngoLwesibili lalibhekisa kwi-International Youth Soccer Tournament eseManchester eNgilandi ngempelasonto yePhasika ngenhloso yokuqhakambisa amakhono alo emazweni omhlaba.

Laba bafana abebejabule kuvela elomhlathi bahube ingoma ethi “UBaba ufuna azomthuma Thuma Mina Kulezi Ziziwe” ngiyomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano ozodlalelwa okokuqala yisikole esiqhamuka e-Afrika.
Amazwi abelokhu enkentezile ezindlebeni zabadlali ngowokuthi “senifinyelele lapho sinithume khona ukuthi niveze amathalente eniwanikwe nguMdali, ngakho-ke hambani, niyozijabulisa, niyodlalela, imindeni, isikole, isifundazwe, idolobha lenuu kanjalo neNingizimu Afrika.
“Hambani niyomela izwe lenu, niphumelele, nihluliwe noma nidlale ngokulingana, okubalulekile wukuzijabulisa nokuphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika,”kusho omunye wabazali.
UCyril Mthembu umqeqeshi uthe indlela abayiqale nabadlali besuka kuGrade 8, ngeke iphele emva komqhudelwano weManchester, kodwa kukhulu okuzayo.
“Baningi abadlali abazobuya sekunamaqembu aphesheya kwezilwandle aseqale izingxoxo zokuthi bawajoyine,”kusho uMthembu.
Lesi sikole esesineminyaka eyi-108 sizobe siqala ngqa ukudlala kulo mqhudelwano osezingeni lomhlaba osedolobheni iManchester kanti asigcinile ngawo, kuningi esisazozimbandakanya kuyo.
Kule nkonzo kubongwe abazali, othisha, umqeqeshi nabadlali ngokuzimisela kwabo ekuphumeleleni kwalo luhambo nabo bonke abafake isandla.
USandile Nyawose osethimbeni labazali abaphelezele laba bafundi ubonge iqhaza elidlalwe ngabazali, abaphathi besikole “nabo bonke abazinikelile kusukela kuqala amalungiselelo kuze kube yimanje.

  AUTHOR
Nash Ngcobo

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kutholwe isidumbu somama nengane zidindilizile eClermont