Buyadlondlobala ubugebengu ephayindane

IPHAYINDANE isiphenduke isidleke sezigebengu ezingochwepheshe ngasekuntshontsheni izimoto yize abanikazi bazo bezikhiyile muva nje .

Lokhu sekwenze abefundisi bamabandla ahlukahlukene namaphoyisa baphuma umkhankaso wokulwisana nobugebengu ngoMgqibelo.
Lo mkhankaso obizwa nge-The Prayer Walk Against Crime ubenemashi esuke kuPayne Street yazungeza ngoMinistries yaphelela kuJosiah Gumede Street ePhayindane lapho abefundisi bebekhulekela lezi zindawo kanjalo nesiteshini samaphoyisa imbala.
Okhulumela amaphoyisa asePhayindane uWarrant Officer Muzi Maphumulo uveze ukuthi izigebengu zisebenzisa umshini okwazi ukuvula imoto umnikazi wayo ethi uyayivala phecelezi i- remote jamming devise.
“Abantu abahamba ngezimoto futhi abazikhiya nge-remote abaqinisekise ukuciphaza kabili lomshini futhi bavale namawindi ikakhulukazi ezimpambanweni zemigwaqo nasemarobhothini ngoba yilapho zitheleka khona izigebengu.”
“Imali,i-laptop nomakhalekhukhwini yizona zinto ezintshontshwa kakhulu uma kune siminyaminya emgwaqeni, abashayeli abavale amawindi,”kuchaza u-W/O Maphumulo.
Uthe imigwaqo eyingozi kakhulu uMoodie , ngasehhovisi loMnyango wezaseKhaya, u-Anderson, uJosiah Gumede noCrompton Street kuyafiwa ubugebengu.
Uphethe ngokuthi sekutshalwe amaphoyisa amaningi kulezi zindawo kanti sekuboshwe nenqwaba yezigebengu ezigila lemikhuba futhi basezinhlelweni zokufaka isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana.

Funda oluye udaba lapha : AbakaNdengezi sebefuna kungenelele uMvikeli womphakathi 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
ITheku limema abakhangisi bengqephu