Kusikazwa nawe-Absa premiership kowe Mangosuthu Legacy Cup

IMenenja yamaZulu uLunga Sokhela ubonakala egqokisa uMntwana uMangosuthu Buthelezi ijazi alithole ngesikhathi ehloniswa ngomqhudelwano ozobizwa ngegama lakhe.

KULINDELEKE indumezulu yomqhudelwano kanobhutshuzwayo wokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthulezi ozobizwa ngePrince Mangosuthu Legacy Cup ozodlalelwa Olundi Regional Sport Complex ngoJulayi.
Lokhu kushiwo nguLunga Sokhela iMenenja jikelele yaMaZulu emcimbini wokwethulwa kwale ndebe ezodlalelwa nangamaqembu e-Absa Premiership obuseGarden Court Hotel Olundi ngoMgqibelo.
USokhela uthe lokhu kwenzelwe Inkosi uButhelezi ngoba inomlando omude futhi ojulile neqembu AmaZulu.
Le kilabhu yasungulwa yiSilo uSolomon kaDinizulu kaCetshwayo kaMpande ngenhloso yokuhlanganisa isizwe sikaZulu kanye nanhloso yokuletha intuthuko nomnotho ongcono KwaZulu.
ISilo uMaphumuzana (Solomon) singumalume kaMangosuthu njengoba sizalwa noMntwana uMagogo ongunina weNkosi yaKwaButhelezi.
“Lokhu kuyingqayizivele kuthina kodwa kumele noMasipala waseZululand angalidedeli lelithuba ngoba emnothweni wakuloMkhandlu njengoba kubukeka kuzodlala enkulu indima,”
USokhela uthi lokhu babona kubalulekile kubona ukuhlonipha Inkosi uButhelezi njengoba inomlando omuhle futhi ongeke uhlukaniswe phakathi kwayo neqembu lamaZulu.
Uphinde wathi konke lokhu bakuhlele ukuba kwenzeke ekuphothulweni kwesizini ngoJulayi nakhona athi basamincele ukuzwa izinhlelo zamaqembu abawabheke ukuba adlale kulo mqhudelwano.
Kumaqembu angase adlale kulo mqhudelwano kubalwa iMamelodi Sundowns, iBloemfontein Celtic, AmaZulu neZululand Invitation. USokhela uthe basesezingxoxweni nalamaqembu asebaliwe.
USokhela akaphumelanga obala ngomklomelo ozonikwa yiqembu elizodla umhlanganiso kanjalo nosuku okuzodlalwa ngalo.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
IMeya yase-Zululand igaqele ukuhlomula ngeye-Legacy Cup