Ifuna ukwenza umehluko emphakathini  iDominatus

Iqembu lomculo we-kwaito iDominatus lalishaya elidume ngazo komunye umcimbi elalimenywe kuwo. Isithombe : Sithunyelwe

 

IQEMBU lekwaito laseDambuza elisungulwe ngonyaka ka 2008 elaziwa ngamaDominatus lithi linesifiso sokwenza umehluko emphakathini  bakwazi ukufukula abanye abaculi abasafufusa aziwe nawo banganaki izinto ezingeke zibabuyisele ngalutho.

Leliqembu elinamalunga amathathu okungu-Mnu Sphumelele Cebekhulu (25), Mnu Siyanda Gabela (25) kanye noMnu Spheni Ndarane (23) lithe into elayenza ukuba licule umculo wekwaito ukuthi  banesiphiwo kuwo kubalula mabebhala izingoma zivele zizifikele emqondweni.

“Inkinga esike sibhekane nayo njengabaculi ukuthi abanye abahleli bemicimbi abasiseki ngemali bahlulwa nawukusikhokhela eyokugibela.  Umculo siwuthatha njengebhizinisi yize kuyikhono asifuni neze ukuthi umphakathi usikhohlwe. Isifiso sethu ukuthi sithole inkampani esizoqopha kuyona iphinde isithuthukise isenze saziwe kulelizwe kanye nakwamanye amazwe,” kubeka bona.

Funda olunye udaba : Bazojeza obhongoza abaphazamise okaKathrada eThekwini

Baqhube bathi okwamanje bebengakalikhiphi icwecwe basakhiphe amasingili bathi kukhona abasanda kuqeda ukuyenza ingoma enesihloko esithi “Esikhonkosini” bathe bakhetha lesihloko ngoba bebona ukuthi kukona konke  okwenzekayo kumele uzimisele uphokophele phambili ekufezeni amaphupho akho.

Baphethe ngokuthi uma ufuna ukufeza amaphupho akho  kumele uzinikele ungenzi ngoba ufuna udumo.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Sebewufuna eMabhida umcimbi waMantshontsho