Amaphoyisa eTheku aqhudelane kwezemidlalo

: IQEMBU lenetball lamaphoyisa aseMlazi likhombisa ngezindondo elezithole emqhudelwaneni weziteshi zamaphoyisa aseThekwini obusezinkundleni zaseSiphingo ngoLwesibili. Isithombe:Sithunyelwe.

 

AMAPHOYISA aseThekwini South Cluster azitike ngemidlalo enhlobonhobo ngosuku lwawo lwezemidlalo obelusezinkundleni zaseSiphingo ngoLwesibili.

Isiteshi saseMlazi sidle umhlanganiso kwinetball ngokwehlula i-Amanzimtoti ngo-4-2.

Kule midlalo bekuqhudelana lezi ziteshi okuyiBhekithemba, iFolweni, Umbumbulu naseMkhomazi.

Eminye imidlalo ebidlalwa ngunobhutshuzwayo, i-tug of war, kwazovalwa ngowejubane webanga lika-5km.

Okhulumela amaphoyisa aseMlazi uKaputeni Carmen Rhynes uthi lomcimbi uqale ngohambo lwebanga lika-5km.

UKaputeni Rhynes uthi ngalo mjaho kuhloswe ukugqamisa umkhankaso wokulwa nobugebengu endaweni yaseSipingo.

Abaqede umjaho baklonyeliswe ngezindondo, abanye bebezivocavoca belekelelwa wumculo isikhathi esingangehora.

Kwibhola lidlalwe izonke iziteshi zamaphoyisa zeTheku ngezinga eliphezulu futhi abadlali bedlala kahle.

UKaputeni Rhynes uthi kube wusuku lwemidlalo oluyimpumelelo kuvezwa  amandla ngokomzimba kwamalungu nokusebenzisana kwabo bengamaqembu eziteshi zaseThekwini.

 

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Amaphoyisa athungatha ababulele owesifazane eKZN