Kutholwe umfana  (15) enqunywe ikhanda eMlazi

 

UMPHAKATHI  waseMlazi kwa-F namanje  usababaza isihluku sokubulawa komfanyana oneminyaka eli-15 ubudala isidumbu sakhe esitholwe sinqunywe ikhanda ngoLwesibili ekuseni.

UPhiwayinkosi Mhlongo ikhanda lakhe litholwe  linamanxeba okudutshulwa ngasesikoleni iMbizweni High School umzimba wakhe wona watholwa ngasesikoleni  iManyuswa Primary School.

Ngokusho kokukhulumela umndeni kamufi uNksz Siphiwe Mhlongo uthe umufi uthathwe abesilisa    abayisithupha  abephethe izibhamu  ngezintathakusa zangawo uLwesibili, nathi amukhipha ecashe ngaphansi kombhede.

“Iyasithusa indlela abambulale ngayo ubhuti wami.  Kufike labalisa behamba nabanye abangani bakhe bamuthatha bathi bamusa emaphoyiseni  ngoba bethi ubulale omunye wabangani babo osghhaywe wabulawa umphkathi ngesonto eledlule,” kusho uNksz Mhlongo.

Leli phephandaba liphinde lahosha umoya  wokuthi lomfanyana ubengomunye wabagangile kulendawo njengoba ngoMsombuluko kuthiwa kukhona umuntu amubambe inkunzi wase uyabaleka kanti uzobulawa ebusuku.

Ikhansela lakuWard 78 uMnuz Sithenjwa Nyawose lithe siyaqala ukwenzeka isihluku esinje endaweni ayiholayo, bashaqekile kakhulu njengomphakathi.

“Kumele siwancome amaphoyisa alusukumele lo ludaba ngokushesha, asebenza kanzima nangokuzimisela ngalesenzo,”kusho uMnuz Nyawose.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali uKaputeni Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi ikhanda lomfana litholakale linenxeba lokudutshulwa.

“Abaseshi baseMlazi besizwa ngabo-Umlazi Crime Intelligence K9 Unit namaphoyisa omgwaqo babophe abasolwa abalone  abaneminyaka eyi-18 neyi-19 abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni,”kusho uKaputeni Gwala.

Abasolwa bazovela enkantolo yaseMlazi ngoLwesine.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kubhuntshe umhlangano kugula iphini likangqongqoshe