Uvele enkantolo osolwa ngokubulala unogada

YIKHONA lapho kuhlaselwe khona kwabulawa unogada obezofaka imali emshinini wemali ePinetown Isithombe: Sanelisiwe Ntsinde.

 

UVELE kafushane  eNkantolo yasePhayindane ngoMsombuluko  owesilisa oneminyaka engama-50 ubudala osolwa ngokudubula abulale unogada obezofaka imali kwelinye lamabhange ePhayindane.

UMnu Bhekumuzi Ntuli ubhekene necala lokubulala elokuzama ukubulala kanye nelokuntshontsha kulandela ukuhlasewa konogada  abebezofaka imali ebhange elikuDale noMoodie Street ePhayindane ngoLwesihlanu.

Umufi kuthiwa wayehamba nozakwabo bezofaka imali kulelibhange nbgesikhathi umsolwa nozakwabo bevulela ngenhlamvu bebhekise kubona , kwashona oyedwa omunye waphuthunyiswa esibhedlela.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla zili-10 kwephezulu.

Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abahlanu okusolwa  ukuthi nabo bayabandakanyeka kulesigameko kanti kunesamba semali esingadalulwanga abasithatha.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Uvele enkantolo osolwa ngelokubulala intombi yakhe