Sebewufuna eMabhida umcimbi waMantshontsho  

UKhuzani Mpungose uqoqe ebezibhekwe ngabomvu kulo mcimbi waMantshontsho. Isithombe: Mthandeni Madlala

 

 

ISASASA lomcimbi waMantshontsho kaMaskandi  obuse-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) eThekwini ngoMgqibelo, liphoqe ukuthi wenzelwe enkundleni enkulu ngokuzayo.

Lokhu kulandela ukufika  magange kwabantu abebezozibonela abaculi  bekhiphana inkani ngokuwola izindondo, okugcine ngokwehla izidlathi  abanye bengasawatholi amathikithi ngenxa yokushesha aphele.

Lokhu kuholele ekutheni kungabe kusaba mnandi kulo mcimbi njengoba abangangenanga besebefuna ukususa uthuthuva,  abanye bethi  bekufanele wenzelwe eMoses Mabhida Stadium hhayi  kulesi sakhiwo.

IKZN Eyethu ikhuluma nabebediniwe  abangangenanga, abalibeke ngembaba elokuthi  lomcimbi awusayidingi  indawo esenkabeni yedolobha ngoba yincane kakhulu ukuwumumatha.

Kulo mcimbi obunesasasa  bekubhekwe kakhulu izimbangi okungoKhuzani “Indlam’lenze” Mpungose noMthandeni“Igcokama Elisha” Manqele.

BEKUSHIKISHA ufudu emcimbini waMantshontsho kaMaskandi obuse ICC eThekwini okunandise kuwo uShwi, iMfezi Emnyama noMjikijelwa kwachwaza izihlwele

UTimothy  Majola  umlandeli wala maciko uthe “Kuyamangaza lokhu okwenzekayo singakwazi ukungena njengoba ngisuke eGoli ngizimisele  ukuzobona Indlamlenze izothatha izindondo zayo. Lokhu engibona kungeke kusenzeka njengoba ngingaphandle njengamanje,” kubeka uMajola.

Uthe  angakujabulela ukubona lomcimbi ezindaweni ezifana nezinkundla zemidlalo  ezikwazi ukwanela abantu abaningi.

UThandeka Khuzwayo osuka eMsinga uthe kumdumazile ukungaliboni Igcokama Elisha linqoba njengoba engomunye wabalivotele.

UKhuzani “Indlamlenze” Mpungose uqoqe izindondo ebezibalulekile, okube ngeye“Best Selling,  iBest Album”   wasonga ngeye “Song of the Year”.

Abanye bavotelwe kanje:  Kwi-“Best Newcomer” :USkokela, kwi- “Best Female Group”:Imithente, kwi-“Lifetime Achievement”:UMthalane weMithente, Inkunz’ Emdaka noShwi noMntekhala, -i-“Most Stylish” UMthandeni Manqele, i “Best Collaboration” :Igcokama Elisha  noJaiva,  i-“Best Female Solo”: Indoni, i-“Best Male  Group”  Ondabuzekwayo, i-“Best Composer”:UMroza –Kwakhala Nyonini ne- “Best Performance”  i- Bahubhe.

UMlamuli Nxele ongumsunguli walomcimbi  ubonge abantu ngokuzowuthamela ngobuningi babo, waxolisa  kwangangenanga wathi uyezwelana nabo kakhulu.

“Angeke wonke umuntu agcine engenile kodwa sizozama ukuqhamuka namacebo okwenza umhlahlandlela kulo ludaba emcimbini olandelayo,” kusho uNxele.

Akathandanga ukucacisa ngodaba oluhlongozwa yizethameli ngokususwa kwalo mcimbi kule ndawo njengoba ethe “Akukho okuningi esingakuxoxa njengamanje kwazise kuningi esisakusebenza ukuphothula konke ngawo”

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Recommended Story x
Omasikandi bazoqhudelana kowaMantshontsho