INgqwele Academy icela ukuxhaswa kolwemfundo  

ABAFUNDI be-Ingqwele Academy nothishomkhulu uMnuz Siyabonga Mqadi bejabulela umshini woku-printer namabhodi okubhalela. Isithombe: Sithunyelwe

 

INGQWELE Academy isacela uxhaso lwanoma iluphi ukuthuthukisa uhlelo lwabo lokufundisa abafundi be-Maths neScience  njalo ngezimpelasonto kwa F.

Lokhu kuvele emuva kokuthi inkampani i- Ingqwele Funeral Service ixhase lesikole ngephrinta namabhodi amabili okubhalela, njengoba bebhalela emakhalibhothini.

Uthishomkhulu walesi sikole esikwa-F eMlazi uMnuz Siyabonga Mqadi uthi bebefuna ukubuyisa ithemba ezinganeni ngoba bezingasenalo

“Kuthina lokhu kusho lukhulu ngoba othisha bebebhala emakhalibhothini,  kuzokwenza izingane zibuyelwe yithemba ngalesi sikole esesinale mishini,” kusho uMnuz Mqadi.

Uthi  inhloso yabo wukuthi abafundi bakwa Grade 11 no 12 baphase ngamalengiso ezivivinyweni zokuphela konyaka.

Uphethe ngokubonga  Umlazi Eyethu ngokusebenzisana nabo ngokuthi bathole indawo yokufundisa izingane ezithanda imfundo.

“Ngibonga ikakhulukazi umphathi wendawo esifundela kuyo i-Little Darling Creche uNksz Mamie Masondo obaxhase  ngendawo njengoba bebefundela eDining Room yakwami,” kusho uMnuz Mqadi.

Uthi bazokwamukela uxhaso lwanoma olwani kunoma ngubani othanda imfundo.

 

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Inyunyana ithembisa ukushuba kwesimo