Usukhangisiwe umsebenzi womphathi wamasipala

IKUSASA ALAZIWA: UMaxwell Mbili ongumphathi wamasipala iRay Nkonyeni umsebenzi wakhe okhangisiwe.

AKWAZIWA iyozala nkomoni njengalokhu sekukhangiswe umsebenzi womphathi wamasipala waseRay Nkonyeni. UMaxwell Mbili ongumphathi walomkhandlu inkontileka yakhe iyaphela ngenyanga ka-Agasti.

Isikhangiso salomsebenzi wokuphatha umasipala siphume ephephandabeni iSouth Coast Herald ngoLwesine olwedlule.

Ngokusho komthombo ongaphakathi emkhandlwini nosondelene nezepolitiki uthi baningi abantu okulindeleke ukuba bafake izicelo zomsebenzi njengalokhu beyinqwaba abagaqele lesisikhundla.

“Akekho ongazi ukuthi lisi sikhundla sidinga ukuba umuntu abe nokuxhumana nabezepolitiki, ngakho kukhona asebeqalile nokuhamba ebumnyameni bezincengela bezisondeza ebuholeni bezepolitiki ngalesi sikhundla ukuze kubhekwe nezicelo zabo,” kusho umthombo.

Lomthombo uthe awuthandi ukudalula amagama kodwa bakhona ababili abaziwayo abagaqele lesisikhundla, omunye wabo ungaphakathi kumasipala.

Lomthombo uphinde uthi akumele kunanazwe ngokuthi lesi sikhundla ngesikabani ngoba vele uMbili uzobuyela emsebenzini wakhe.

“Akukho lapho kukhalwa khona, usebenzile uma engase angabuyiselwa ngabe lokho kusho ukuthi bazigwaza ngowabo uqobo ngoba uyayazi into ayithunywa kumasipala,” kusho lomthombo.

Ngonyaka odlule iphephandaba lake labika ukuthi bekukhona abantu ababegaqele lesi sikhundla, kodwa lokho kwaphinde kwaphelela emoyeni.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Uzovela enkantolo osolwa ngokudlwengula ingane (11)