Siya  ngokushuba isiteleka sasesibhedlela  iCrompton

ABASEBENZI besibhedlela iCrompton ePhayindane bebhikisha ngaphandle kwamasango aso bekhala ngamaholo angagculisi. Isithombe: Zama Mathonsi

 

 

SESINGENELE  osukwini lwesibili isiteleka  sabasebenzi  besibhedlela iCrompton ePhayindane abakhala ngeholo elincane nabathi  bafuna alinyuke ngo-8.5 %.

Isimo ngendlela esishube ngayo ezinye zeziguli sezidluliselwe kwezinye izibhedlela ngenxa yokuthi abekho abahlengikazi,  bayabhikisha.

Laba basebenzi batshele  le liphephandaba ukuthi sebekhathele ukulinda into engayi ndawo bathi bahambise  izikhalo zabo kubaphathi kodwa yashaywa indiva eka-8.5%, babeka u-6.2% etafuleni.

Baveze nokuthi kunzima ukubeka izikhalo zabo kumphathi wesibhedlela okunguMnuz Barries Barnard  okuthiwa uhlezi ephethe isibhamu emsebenzini,  kuvele nokuthi sekuke kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu kwelinye lamagumbi abagulayo.

Okhulumela abasebenzi uMnuz Sindiso Nyangule uthe bancamela ukugcwala umgwaqo babhikishe  bangaholi kunokuthi bavumele ukuhola amakinati.

“Le mali esiyiholayo ayizanelisi izidingo zethu, ngikhuluma-nje izingane zethu azinawo umfaniswano wesikole ophelele kodwa siyavuka siyosebenza, u-6.2% asihambisani nawo,” kuchaza uMnuz Nyangule.

Uqhube wathi kubaphatha kabi okwenzekalayo ngoba sekuhlukumezeka neziguli ngoba sekusetshenziswa nabahlengikazi abangaqeqeshekile ngokwanele abanye babo abazi namawodi ukuthi angakuphi.

Le liphephandaba lixhumane nokhulumela lesi sibhedlela uNkk Leane Nyiri kodwa wala waphetha ukuphendula imibuzo, wathi akukho abangakusho okwedlula abakubhale  kwisitatimende.

Ngokwesitatimende umphathi walesi sibhedlela uMnuz Barries Barnard ukuqinisekisile ukuthi banalo ulwazi ngesiteleka sabasebenzi futhi benza konke okusemandleni ukuthi iziguli zikhuseleke.

“Siqashe onogada abanele futhi sisebenzisana namaphoyisa ukuqapha isimo ngokuphephisa iziguli zethu nabasebenzi abangaphakathi esibhedlela.”

“Abaphathi be-Life Healthcare bazimisele  ukudambisa isimo futhi sebeqalile izingxoxo  nenhlangano yabasebenzi iNEHAWU ukuthola isisombululo salo ludaba esizovuna izinhlangothi zombili,” kubeka uMnuz Barnard.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Iziboshwa zishaye zabulala umphathi wazo ngesando