Sekwengezwe abanye abaculi kowe-Slime Fest  

Umculi uKO ozobe enandisa emcimbini weSlimeFest.

 

IKHONSATHI elihlelwe yisiteshi i-Dstv iNickelodeon neShaka Marine World elibizwa ngele-SlimeFest ngo-Ephreli 8 no-9, selifake abanye abazonandisa kulona.

Labo baculi ngo-Emtee, uKO, i-The Kiffness, iTwins On Decks no-Timo ODV abazothokozisa  imindeni ezobe ithamele lomcimbi.

Bazosina badedelane noCassper Nyovest, iMafikizolo nabalingisi besiteshi sikamabonakude iNickelodeon.

UNksz Refilwe Mahabane weTotal Exposure engabahleli balo mcimbi uthi izingane ezindala zizodlala imidlalousuku lonke zenza nezinye izinto eSlime Zone ziphinde zibhukude.

“Ezincane zona zizoculelwa ngabalingisi ezibathandayo ohlelweni i- Nickelodeon okubalwa uSpongeBob SquarePants, i-Dora&Friends, i-Chase& Marshall abadlala kwi-Paw Patrol nabanye,” kusho uNksz Mahabane.

Uthi kuzophinde kube khona indawo yezincane khona lezingane ezincane  olubizwa ngokuthi i- Pre School Zone.

UMnuz Chris Torline ongumkhangisi kwisiteshi i-International Media Networks (VIMN) Africa uthi i- Nickelodeon’s SlimeFest ifestival enkulu yonyaka ehlanganisa imindeni ndawonye iyilethele ubumnandi nokuphumula.

Okhulumela iShaka Marine uNksz Mpume Mthembu uthi iShaka izokhipha  unyawo ukuqiniseka ukuthi imindeni iyajabula eThekwini.

Umculi u-Emtee ozonandisa emcimbini weSlimeFest.

“Lo mcimbi unakho konke, umculo, ubumnandi, abalingisi bakumabonakude nethuba lokujabula lawo wonke umuntu  kusukela ezinganeni kuya kwabadala,” kusho uNksz Mthembu.

Abaculi beMafikizolo nayo ezobakhona kulomcimbi we-Slime Fest.

Amathikithi eSlimeFest atholakala eComputicket noma eShaka MARINE World (online) ngo R250 koyedwa. Adayisa uR230 emndenini wabane, uR220 eqenjini labayi-10. Izingane ezingaphansi kweminyaka emithathu zingena mahhala.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ithemba leKZN IMaritzburg United ethubeni lefayineli yeMTN 8