I-KZN U13 seyikulungele ukuvikela isicoco se- Sunfoil Night Series

Iqembu elanqoba ngonyaka ka-2016. Isithombe : Gameplan Media

Iqembu le-KwaZulu-Natal Sunfoil Township Development abadlali abaneminyaka engaphansi kwengu- 13 azolibangise eGoli kulelisonto ukuze ayovikela isicoco asiwinile ngonyaka ka- 2016 kumqhudelwano we- Sunfoil Under 13 Township Night Tournament.

Umqhudelwano wesithupha uzotshengisa ukuba igxathu elibalulekile kubadlali abaningi bekhilikithi kanye nabantu nje, njengoba bezodlala nezingane zasezingxenyeni zezwe. Abafana bazoba nengcindezi yokuvikela isicoco sabo, kodwa isesindo kumele sinyamalale ngesikhathi sekufika lentsha eNyuvesi yase-Johannesburg eSoweto Campus bezodlala izinsuku ezintathu ikhilikithi.

Emaqembini amaningi, iBidvest Wanderers ngabe yindawo yekhilikithi abakebayibona kumabonakude, kodwa amabadlali bazokuba nethuba lokuya ezindaweni ezinomlando wezwe kumcimbi wokuvula okuzokwenza kube wumqhudelwano omangalisayo. Imidlalo izolandela uhlelo lwe-  T20, namaqembu ayishumi azoqhudelanela umklomelo omkhulu kulezinsuku ezintathu zekhilikithi.

Abazokuba yingxenye bonke bebedlala kwiligi yekhilikithi kulesizini,namaqembu aphezulu akhethethelwe  lomqhudelwano. Bonke abadlali bazokuba se- Queens High School nemidlalo engu- 18 ezodlalwa e-UJ kulezinsuku ezintathu, nokuheha kokudlala ngaphansi kwezihlwele kuzokuba semqoka emqondweni yabadlali abasebancane bekhilikithi.

EKZN kuzokuba namaqembu amele i Gauteng Cricket Board from Alexandra, Central, Far West, South, Sedibeng kanye ne-Soweto. Kuzophinde kube namacala  ase- Eastern Cape, North West kanye ne- Northerns nemifundaze yesikole etholakalayo kwabenza kahle.

Lomqhudelwano we- Sunfoil Under 13 Township Night Tournament uqale ngiLwesihlanu mhlaka 17 Mashi uzophela ngomhlaka 19 Mashi.

Iqembu le- KwaZulu-Natal Sunfoil Township Development Under 13:

Vumani Magwaza (Kwamashu), Pride Buthelezi (Kwamashu), Lutendi Tswanani (Umlazi), Khulekani Mseleku (Ngonyameni), Andile Wanda (Umlazi), Khethukuthula Khuzwayo (Kwadabeka), Nkanyiso Nxumalo, (Lindelani), Sbonga Mchunu (Umlazi), Khwezi Jali (Kwadabeka), Minenhle Ntobela (Ngonyameni), Sanele Nozisali (Lindelani), Sonwabile Sosibo (Kwamashu).

Umqeqeshi: Khulekani Mtshali
Isekela lomqeqeshi: Jomo Mbili
Umphathi: Siyabonga Gumede

Uma ufuna olunye ulwazi ungangena ku- www.dolphinscricket.co.za

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
OwaKwanyuswa ufuna ukubuyisa isicoco sika-Mrs SA