‘Ngiyothatha umhlala phansi mhla kwaphela ubugebengu eMlazi’

UQWEQWE lwephoyisa elingumakade ebona emaphoyiseni ukaputeni Muziwendoda Twala unconywa ngamagalelo akhe okubamba izigebengu. Isithombe: Sithunyelwe

 

UQWEQWE lwephoyisa uKaputeni Muziwendoda Twala (45) osebe yiphoyisa iminyaka engama-23, useyinhloko yoPhiko lokuVimba  ubugebengu esiteshini saseMlazi.

Lomakadebona wephoyisa ubesebenzela esitsheshini saseNanda kanti usezakhele ugazi kulo msebenzi ngokubopha izigebengu ezisatshwayo ezingama-30 nokubalwa kuzona ezingu-8 ezibulala ngezibhamu eMlazi kusukula ngoNovemba 2016  nokuyinyanga afike ngayo kulesi siteshi.

UThwala ukholelwa kakhulu ekusebenzeni ngokubambisana nomphakathi.

Mumva nje leliphoyisa  lingukhomanda we-Trio United -Umlazi SAPS okungukubanjwa kwezimoto, ukubanjwa kwamabhizinisi, iFlexi Team ababheke izikhali nezidakamizwa, useqokwe nokuthi abe ngumseshi emacaleni anzima.

UThwala ungene embuthweni eneminyaka  wezamaphoyisa engama 22 ubudala kanti uthi  umsebenzi wobuphoyisa kuyena ufana nobizo.

“Ngisho ungangivusa ebusuku uthi angiwenze, angibi nankinga ngalokho ngiyawenza. Ngihola phambili, hhayi ngemumva futhi angibheke lutho,” kusho ukaputeni Twala.

Uthi isiqubulo sakhe ukuthi ‘umphakathi usebenzisane namaphoyisa  ukubamba izigebengu.’  Uyakuncoma ukubambisana abakutholayo emphakathini okuyikhona omkumsizayo ukubamba izigilamkhuba.

Waba ngomunye wamaphoyisa ayekhona ngesikhathi kubanjwa umsolwa uSanele Makhanya (25) osolwa ngecala lokubulala amalunga amane omndeni wakwa Mzila.

Ngemumva kwalokho wakwazi ukusindisa izimpilo zabantu ababalelwa eshumini ngenkathi umphakathi uzithathela umthetho ezandleni ushisa imizi yabantu emithathu esigcemeni sakwa G.

“Ngasebenzisa isipiliyoni sami ngakwazi ukuhlenga izimpilo zabantu abaningi. Ngiyothatha umhlala phansi umhlazane kwaphela ubugebengu eMlazi,” kubeka ukaputeni Twala.

Uphinde wadalula nokuthi zithanda ukwehla kancane izibalo zobugebengu eMlazi.

UMnuz Mbuso Shobede oyilunga lezokuphepha ukuxhumana nomphakathi naye  uwancomile amagalelo kaKaputeni Twala.

“Unobuchule nekhono kwezokuxhumana nomsbenzi wakhe uyancomeka futhi uwenza ngokuzimisela nobuqotho,” kusho uMnuz Shobede. Ufakazele ukuthi leliphoyisa liyawusebenzela ngokuzimisela nsuku zonke umphakathi waseMlazi.

Umphathi wesiteshi uBrigadiya Bongi Ntuli ongukhomanda wesiteshi uhambe emazwini kaMnuz Shobede.

“UTwala akagcini nje ngokukhuluma ngobugebengu kodwa wenza umehluko ngakho. Uyazimisela futhi usebenza kanzima emsebenzini wakhe. Akagcini lapho kodwa uphinde ahole kahle abasenza ngaphansi kobuholi bakhe,” kusho umphathi.

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Usizi kuqothwa amalunga amane omndeni eMlazi