AbaseMlazi koweHealth and  Wellness Development

Ikomidi le-Umlazi Health And Wellness Developments elihlele umcimbi wokuzivocavocwa kwabantu. Isithombe: Sithunyelwe.

 

UMPHAKATHI waseMlazi umenywa ukuba yingxenye yomcimbi wokwethulwa ko-Umlazi Health And Wellness Development Gym eseGriffiths Mxenge Hall ngo-Ephreli 8 kusukela ngo 9h00 ekuseni kuya ku-15h00 ntambama.

Omunye wabahleli balomcimbi uMnuz Bonginkosi Gwala uthi inhloso yalesi sakhiwo wukwenza ubumbano kubo bonke abaphathi bamajimi seMlazi.

Uthi konke okumayelana nokuzivocavoca bafuna kufakwe ohlwini lwezemidlalo (sporting codes) aseMzansi nokuthi kube lula ukutholela abaseMlazi namaphethelo imishini nezinye izinto zokugcina impilo enhle.

Uqhubeke ngokuthi bengabaphathi bamajimu eMlazi bahlanganile babona kukuhle ukuvula lo luhlobo lwesakhiwo ukuze kube lula ukuthuthukisa umphakathi ongenamandla okukhokhela amajimu.

“Siphinde sikwazi ukubatholela izinto zokubajimisa nezinhlelo ezisuka zizenoMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka, sibheke nendlela okwenziwa ngayo yonke imicimbi yokuzivocavoca eMlazi,” kusho uMnuz Gwala.

Uthe lolu hlelo ngolwabancane nabadala eMlazi futhi alukhethe bala, bacela  bonke abantu bagqoke  izingubo zokuzivocavoca.

Uveze ukuthi kulo mcimbi kuzongenwa mahhala kanti bazobambisana noMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka, owezeMpilo kuMasipala weTheku, Ihhovisi leMeya, amaKhansela aseMlazi, Inyunyana yamatekisi eMlazi, osomabhizinisi baKwaMnyandu naseMega City Mall nabakhelene noMlazi.

Uphethe ngokuthi kuzophakanyiswa izindlela zokulwa nezifo esezibhidlangile kulamalanga i-Obesity, iBP, iDiabetes nezinye.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
I-SACP  yethule isifundo sika-OR Tambo