update


Kusolwa umbango  wezikhundla kubulawa ibamba likaThishanhloko

 

KUSOLWA umbango wezikhundla ngokubulawa kwebamba likaThishanhloko esikoleni samabanga aphakeme iLaduma High School KwaMpumuza.

UNks Mchunu  udutshulwe wabulawa  ngesikhathi efundisa abafundi bakamatikuletsheni namhlanje (ngoMgqibelo)  kusona lesi sikole.

Ngokuthola kwaleliphephandaba ngomthombo  walo ongaphakathi kulesi sikole kuthiwa kunombango wezikhundla obuvele ukhona kulesi sikole nokwenza basole  ukuthi  uyimbangela yokubulawa kukaNks Mchunu.

“UNks Mchunu ubeqokwe njengeSekela lakaThishanhloko ngonyaka odlule kodwa kwathi makwenzeka loko kwasuka umsindo  uThishanhloko wavele wasula wathi angeke akwazi ukusebenzisana noNks Mchunu.  Ngemuva kokuba uThishanhloko esulile uNks Mchunu ube esethatha izintambo njengebamba likaThishanhloko. Nakuba kusethusile loku okwenzekile kodwa besikulindele ngoba besekukukhulu ukungezwani khona ngaphakathi esikoleni,” kusho wona.

Uqhube wathi uNks Mchunu ubesehlale kulesikole iminyaka engama-25 njenge HOD kodwa engakaze aqokelwe esobuthishanhloko okaye isekela nokuthe uma eseqokwa njengesekela Thishanhloko kwasuka omkhulu umsindo.

“Kusho  ukuthi basazophela abantu kubangwa izikhundla ngoba kusho ukuthi baningi abasifunayo lesikhundla sikaMchunu. Indlela labantu abenze ngayo bayakhombisa ukuthi bebezokwenza  umsebenzi abawukhokhelwe baqede bahambe, kanti nesenzo sabo sokuthi bangazifihli sikhomba ukuthi akubona abala abasabi lutho,” kuphetha yena.

UNks Mchunu ubesanezinyanga ezintathu kuphela ebamba isikhundla sebamba likaThishanhloko.

Udaba luyaqhubeka.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Akasekho emhlabeni umculi wokholo odumile