Kudutshulwe kwabulawa ibamba likaThishanhloko eMgungundlovu

 

 

SEKUDUTSHULWE kwabulawa obeyibamba likaThishanhloko  esikoleni samabanga aphakeme iLaduma High School  KwaMpumuza namhlanje ngoMgqibelo.

Ngokuthola kwaleliphephandaba uNksz Mchunu ubesesikoleni efundisa izingane zikamatikuletsheni njengengxenye yokulungiselela  ukubhala kwekota yokuqala  konyaka.

Kuthiwa kungene imoto ebinabalisa abathathu yapaka ngaphakathi kulesi sikole  bangehlika  balinda kuhambe wonke umuntu esikoleni kusale uNksz Mchunu kanye nezingane.

Ngokusho koyisekela Sihlalo lesigungu esimele abazali uMnu Laduma Dlamini  uthe abasolwa behle emotweni ngoba sekuhambe bonke othisha akade bekhona kulesi sikole baqonda ekilasini lapho kade kufundisela  khona uNks Mchunu.

“Kwehle abasolwa ababili emotweni kwasala  umshayeli,lona obephethe isibhamu uqonde lapho kade  kufundisela  khona  uNks Mchunu wafike wavulela ngenhlamvu phambi kwezingane nezibe sezimemeza zikhala ziphuma ngamawindi.  Umsolwa kuthiwa uphumile waphinde wajika esekemnyango wazoqedela uNks Mchunu  ngezinye izinhlamvu ekhanda eselele phansi,”  kuchaza  uDlamini.

UNksz Mchunu  udutshulwe ngezinhlamvu ezili-12  washonela ekilasini lapho kade efundisela khona. Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi abasolwa bakwenze  konke loku bengazifihlile ngisho ubuso.

Akekho umfundi olimele ngesikhathi kunalokudubula.

Kulapho kade kulele khona uNks Mchunu ngemnuva kokudutshulwa , kanti izimbobo ilezo zenhlamvu adutshulwe ngazo eselele phansi. Isithombe : Lethiwe Makhanya

Okhulumela amaphoysia esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela usiqinisekisile isigameko  kodwa wathi abakabi nayo imininingwane egcwele, amaphoyisa ayaphenya.

Imizamo yokuthinta okhulumela uMnyango wezeMfundo uSihle Mlotshwa ibhuntshile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

 

 

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kushone  obezama ukubamba unogada inkunzi eMgungundlovu